Izindaba

Izinguquko ngamaphoyisa ayophenya ukufa kukaNathi Mthethwa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ayicacile imbangela yokuguquka ohlelweni lwaphambilini lokuhambisa ithimba lamaphoyisa elizophenya ngokufa kukaNathi Mthethwa eFrance

Image: Kamogelo Moichela / IOL

NJENGOBA kubhekwe ukubuya kwesidumbu senxusa laluleli eFrance uMnuz Nkosinathi Mthethwa okubikwa ukuthi washona ngesonto eledlule ewa esitezi sesi-22 ehhotela eliseParis, ukhomishana wamaphoyisa wenze izinguquko ngethimba obekuhlelwe ukuthi lithunyelwe eFrance.

UNgqongqoshe wezamaphoyisa ngoLwesihlanu wamemezela ukuthi kuzothunyelwa ithimba labaphenyi eFrance. USolwazi Firoz Cachalia, welulekwe nguKhomishana wamaphoyisa kazwelonke, uJenene Fannie Masemola, kwathathwa isinqumo sokuthumela ithimba amaphoyisa amahlanu angomakadebona aye eFrance.

Bekuhlelwe ukuthi ithimba lizoholwa uMajor General Maqhashalala, iPhini likaKhomishana wezifundazwe iWestern Cape kwezobunhloli, lizosebenzisana kakhulu neziphathimandla zomthetho zaseFrance ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuphenywa kahle nangendlela esobala izimo ezenzeka ngokufa kwenxusa uMthethwa.

Izinguquko zivezwe yikhomishana yamaphoyisa kuzwelonke ngesikhathi sokwethulwa komkhankaso weSafer Festive Season weSouth African Police Service (SAPS) eBloemfontein, eFree State. UFannie Masemola uthe sekuzothunyelwa isikhulu esisodwa esizoxhumana nozakwabo baseFrance.

"Mayelana nokuthumela ithimba eFrance, sisebenzela ukubambisana phakathi kwamaphoyisa. Sinaso isikhulu esiphezulu esisebenza kulelo zwe," esho. Umseshi kulindeleke ukuthi alifulathele leli ngoLwesibili.

“Bazobuyekeza inqubo ngokwemisebenzi kanye nokuthi ukuphi uma esefikile,” usho kanje.

Indima yesikhulu akukhona ukwenza uphenyo olusemthethweni, kodwa kunalokho ukuthola umbiko ngokuqondile kuziphathimandla zaseFrance.

Kubuye kwavela nokuthi umbiko mayelana nokuhlolwa kwesidumbu ukuze kucace imbangela yokufa kukaMthethwa ngeke usakazelwe umphakathi, kuzoba wumbiko ozonikezwa umndeni kuphela uphelele kuwo.