Izindaba

Unobuhle wakuleli emdlalweni wethelevishini

Charles Khuzwayo|Published

UZOZIBINI Tunzi-Bolowana ozobonakala edlala indawo eqavile kwiBad Influencer kwiNetflix ekupheleni kwenyanga

Image: SIGCINIWE

INTOKAZI eyaqopha umlando ngokuba unobuhle wokuqala omnyama wakuleli ukuhlabana ngesicoco sikaMiss Universe ngo-2019, uZozibini Tunzi-Bolowana, ikubalingisi abaqavile emdlalweni owuchungechunge ozokhonjiswa kwiNetflix.

UZozibini (32), odabuka kuTsolo, e-Eastern Cape, uzobonakala emdlalweni osihloko sithi Bad Influencer kusukela ngo-Okthoba 31. Lezi zindaba zidalulwe nguye uZozibini kwi-Instagram.

 "Liphumile iqhina embizeni! Hlangana noNaomi emdlalweni owuchungechunge osihloko sithi Bad Influencer kwiNetflix ngo-Okthoba 31."

UZozibini uthe uyaziqhenya kakhulu ngokulingisa okokuqala emdlalweni owuchungechunge.

"Lo mdlalo uyisimangaliso futhi kuwona kuboshelwe abalingisi abanohlonze ngempela. Nizowuthanda nonke," kusho uZozibini.

Lesi singqazu sizobe silingisa noLerato Nxumalo. Uzobe engaqali ukulingisa uZozibini kwazise wake walingisa efilimini esezingeni lomhlaba esihloko sithi The Woman King. Kule filimu eyabhalwa wuDana Stevens  yaqondiswa wuGina Prince-Bythewood, uZozibini wayelingisa noThuso Mbedu, Viola Davis, Lashana Lynch, John Boyega, Masali Budaza, Seputla Sebegodi, Thando Dlomo noMakgotso Monyemorathoe. 

UZozibini waqala ukuzakhela udumo ngesikhathi ehlabana ngesicoco sikaMiss South Africa ngo-2019. Le ndodakazi kaPhiliswa Nodabu noLungisa Tunzi ingumnsinsi wokuzimilela esigodini saseSidwadweni.

Uneziqu zeNational Diploma kwiPublic Relations Management azizuza eCape Peninsula University of Technology ngo-2018.

UZOZIBINI Tunzi-Bolowana ozobonakala edlala indawo eqavile kwiBad Influencer kwiNetflix ekupheleni kwenyanga

Image: SIGCINIWE