UPEGGY-SUE Khumalo noBasetsana Kumalo bekakwe yizintokazi ezidlana imilala emhqudelwano kaMiss South Africa wakulo nyaka
Image: SITHUNYELWE
INHLANGANO egqugquzela umqhudelwano woNobuhle bakuleli, iMiss South Africa Organisation, inyelwe yinyoni esandleni njengoba ihlabane ngofishi abakhulu, okuyizintokazi ezake zawina lesi sicoco eminyakeni eyedlule.
UBasetsana Kumalo noPeggy-Sue Khumalo baqokwe njengozihlalo (Co-Chairs) ababamba elikhulu iqhaza ekufukuleni intsha yase-Afrika. UBasetsana (51) wakhala wemuka nalesi sicoco ngo-1994 kwathi uPeggy-Sue (52) wahlomula ngaso ngo-1996.
Isolezwe lithole ukuthi umsebenzi walezi zimomondiya ukucija abazobe bedlana imilala emzuliswaneni wamanqamu futhi zibalungiselele ukuba ngamanxusa oguquko. UBasetsana uthe unyaka wo-1990 wawusemqoka kakhulu emlandweni wakuleli njengoba kwakungena uhulumeni wentandoyeningi, kuphuma owobandlululo.
"Abesifazane abasebasha baba ubuso bethemba. Namhlanje uMiss South Africa uklama indima ebalulekile ngokuqhakambisa iqhaza labesifazane emphakathini wethu. Kusemqoka ukuthi lenkundla isaqhubeka nokufukula abesifazane ekusebenziseni amaphimbo abo, bakhuphuke futhi babe ngabaholi ababa ngosomabhizinisi abakhanda amathuba emisebenzi futhi abanezikhundla ezinkulu," kusho uBasetsana.
UPeggy-Sue uthe uMiss Sou Africa wakhelwe esisekelweni sezingxoxo zomhlaba wonke jikelele ezidingidwa kuleli ngeG20.
"Njengezwe sibheka emuva, njengabantu, uhulumeni namabhizinisi ukuthi ngabe sesenze ngokwanele yini. Esikudinga manje ukwandisa izishoshovu ezweni lethu ezizoba ngamafolosi oguqukweni nasekusimamisweni komphakathi," kuphawula uPeggy-Sue.
Isolezwe libuye lahabula ukuthi ngoLwesibili kwethulwe umkhankaso wokufukula intsha yase-Afrika, obizwa nge-Empower Youth Africa (EYA). Lo mkhankaso uzobhekana nezihlava nezinselelo ezibhekene nabantu abasha eNingizimu Afrika nase-Afrika namaphethelo.
Oyisikhulu seMotsepe Group, u-Audrey Lewat, i-EYA izofukula intsha yase-Afrika futhi ibhekane ngqo nesihlava sokubhuquza kwayo emakhaya.
Izintokazi esezisele emzuliswaneni wamanqamu zizodlala imilala emcimbini oseSunBet Arena ePitoli ngo-Okthoba 25 kanti amavoti omphakathi ayagcina ukwamukelwa ngo-Okthoba 24 ngo-6 ntambama.
PEGGY-SUE KHUMALO
Image: FACEBOOK
BASETSANA KUMALO
Image: FACEBOOK