UWELCOME "Bhodloza" Nzimande kwabazohlonishwa kumaSiyabakhumbula Awards eGold Rush Dome eSoweto ngoMgqibelo
Image: SIGCINIWE
UMUFI uWelcome ‘Bhodloza’ Nzimande ozothulelwa isigqoko kuSiyabakhumbula Awards ngoMgqibelo
Image: SIGCINIWE
ISIZULU sithi "Ziyof' izinsizwa kusale izibongo." Lesi saga sizofezeka kwi-2025 Siyabakhumbula Awards eGold Rush Dome (FNB Stadium) eSoweto njengoba kuzohlonishwa uWelcome "Bhodloza" Nzimande.
Umsunguli nomgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uMzwakhe "The People's Poet" Mbuli, uthe okwenze bakhumbula uBhodloza amagalelo akhe ekusakazeni nasemculweni kamaskandi. Uthe uBhodloza waba wumsakazi wokuqala ukudlala izingoma zakhe oKhozini emuva kokuba umculo wakhe sewuvaliwe. Uthe ubudlelwano babo babubuhle kakhulu kangangoba uBhodloza wayembiza ngeVoice of Reason.
"Sagcina ukubonana naye ngesikhathi mina, uRay Phiri noCaiphus Semenya sihlonishwa ngabamaSatma Awards emcimbini owawuseMpumalanga. Ngangingazi ukuthi ngase ngimgcina ngalolo suku."
UMbuli uthe nangesikhathi uBhodloza evaleliswa oKhozini, wamumema futhi wamqashela indiza nendawo yokuhlala ukuze azogubha naye kulowo mcimbi.
UBhodloza wadlula emhlabeni eseneminyaka engu-73 ngoJanuwari 15, 2021 emuva kokuhaqwa yiCovid-19. Waqala ukuzakhela ugazi emkhakheni wezokusakaza ngo-1978 kusewuRadio Zulu. Wavelela kakhulu kulo msakazo ngohlelo olwaluthi Sigiya Ngengoma, Ziqubuk' Olwandle, Dela Makhasane nolwaluthi Ezidl'Ubhedu. Amagalelo akhe ayaziwa ekuvumbululeni nasekuthuthukiseni umculo woHhashi Elimhlophe, Phuzekhemisi, Umfazomnyama, Izingane Zoma, Imithente nabanye. NakwiSoul Brothers, Abangani, Abakhwenyana, Ladysmith Black Mambazo, Mpangeni Home Tigers, Easy Walkers nabanye, waba nesandla kwinqubekela phambili yabo.
Ngokubambisana noSolwazi Joseph "Mshengu" Shabalala weLadysmith Black Mambazo, uBhodloza wasungula inhlangano okwakuhloswe ngayo ukuthuthukisa umculo wesintu iSouth African Traditional Music Association (Satma). Nakwithelevishini wavelela ngohlelo lomculo wesintu ayelwethula noThuso Motaung olwaluthi Ezodumo.
Emuva kweminyaka engu-19 esakaza, uBhodloza wabe esephatha lo msakazo iminyaka engu-13 kusukela ngo-1997. Nalapho wafike wayibeka induku ebandla njengoba abamba iqhaza ekusungulweni kwamaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards ngokubambisana noDumisani Goba noMshengu ngo-2005.
Esengumphathi woKhozi wakwazi ukuvumbulula nokupheka abasakazi abanjengoTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu.
Esethathe umhlalaphansi waqhubeka nokuvukuza ikhono nge-Umculo Wethu Talent Search. UMbuli uthe uBhodloza uzokhunjulwa noClive Barker, Vuyo Mokoena, Thandie Klassen,John Moshoeu, Gloria Bosman, Dorothy Masuka, Baby Jake Matlala noJambo. Abazohlonishwa besaphila nguPatson Banda noBruce Fordyce.
Vuyo Mokoena
Image: SIGCINIWE
Baby Jake Matlata
Image: SIGCINIWE
John Shoes Moshoeu
Image: SIGCINIWE