Izindaba

Umbango wesibhamu ushiye abahlanu befile ejoyintini

Nonkululeko Nhlapo|Published

Limpopo police are investigating after a man allegedly killed his wife and injured a store manager at a shopping complex.

Image: Pexels

Amaphoyisa aseBronkhorstspruit, eGauteng, aphenya isehlo sokudutshulwa kwabantu esenzeka endaweni yokucima ukoma eZithobeni, ngokusa kwangeSonto  ngabo-01:30, lapho kufe khona abantu abahlanu kwalimala abayisithupha.

Imibiko yokuqala iveza ukuthi amadoda amabili, aziwayo emphakathini, atheleke endaweni yokucima ukoma afuna ukuba omunye wabathengi akhiphe isibhamu sakhe esinelayisensi. Kuqale lapho ukuhilizisana kwazwakala sekuqhuma isibhamu abantu bagcwala indawo bezama ukubalakela, abasolwa badubula benganakile.

Ngokusho komnikazi wejoyinti ozibize ngoJohn, uthi bekungekona ukuhlasela nje, kodwa abasolwa bebenehloso ngalokhu abakwenzile.

"Bebebazi abantu abebebafuna ngoba oyedwa ungene wavimba emnyango ngesikhathi omunye eqalaza umgilwa, ufike kuye wafuna isibhamu sakhe." Uthi lokhu akuqali ukwenzeka ngoba ngesonto eledlule kwahlaselwa omunye umlisa ongunogada okwaziwayo ukuthi unezibhamu ezisemthethweni aziphathayo.

Udutshulwe walimala umgilwa ongunogada waphucwa isibhamu sakhe. Kuthiwa bathathu abantu abebephakathi ejoyintini abadubulekile, abanye bebengaphandle. Lesi sigameko siholele ekutheni kufe abantu abahlanu kwalimala abayisithupha. Abalimele baphuthunyiswe ezikhungweni zokwelapha eziseduze ukuze bathole ukwelashwa. (Munye kuphela umufi ohlonziwe). Umgilwa oyedwa olimele ubekwe icala lokusebenzisa isibhamu budedengu, isibhamu sakhe sigcinwe ngamaphoyisa.

Uphiko lweProvincial Murder and Robbery Unit lubhalise amacala amahlanu okubulala nayisithupha okuzama ukubulala. Ithimba leProvincial Serious and Violent Crimes Tracking Team lithungatha abasolwa.