Izindaba

Uyibekile induku ebandla ngale-EP

Charles Khuzwayo|Published

ISIHLOKO: Out The Box

UMCULI: Nomfundo Moh

 UHLOBO: Afro Soul

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

NOMFUNDO MOH

Image: FACEBOOK

 NAWE Ndwedwe awumncinyane ngalo mzwilili odabuka kule ndawo. UNomfundo Moh Ngcobo uwanyuse kakhulu amasokisi ngaleli cwecwe elisihloko sithi Out The Box. Yebo ngesiNgisi esiqondile kuthiwa Out Of The Box kodwa intokazi ithe ayikhiphe unyawo. Ithi "Sawubona wekuKhuluma", ngamabomu. Ngakho ungadideki neze.  Engikuqaphelile ukuthi uNomfondo Moh uhlanganise isigqi sikamaskandi, Afro pop, Afro soul nese-3 Step. Uphinde wabophela abaculi asebemnkantshubomvu nabasavelela kule ndima. Ngikhuluma ngoLoyiso Bala osengumphathi woMhlobo Wenene FM, DJ Zinhle, Inkosi Yamagcokama, Menzi, Sminofu, Nontokozo Mkhize, Simmy, Sun-El Musician, Ndloh Jnr, MK Productions noBlue Papi.

Le-EP ibophele amanoni ayisithupha. Iningi lawo ligxile emculweni wothando. Kwethi Soze nethi Ixesha, uNomfundo Mo uzwakala njengomuntu osothandweni oluvutha amalangabi. Kwethi Umathandana, udlulisa ukuphatheka kabi othandweni.

Engichaze kakhulu ngebalisa ngokudlula emhlabeni komuntu wesifazane, esihloko sithi Valelise. Uma usanda kushonelwa wumzali ingakuthunuka amanxeba. Iyadabukisa futhi ivusa umunyu. Bayicule kamnandi nomculi wokholo uNontokozo ongasenaye umama.

Njengoba sesibheke emaholidini kaKhisimusi, nomakanjani bazobahlabeka umxhwele abakhonze ukujuxuza. Angithi uNomfundo Moh ubabhansele ngengoma esihloko sithi Ngiyakhala nethi Amazwi, okuyingoma engase isidansise kakhulu ngalo Disemba. Amazwi engase adlisele izingoma eziningi zokujuxuza ogageni. 

Ngamafuphi nje, uNomfundo Moh ukhiphe unqambothi lwe-albhamu. Ngakho kuzofanele uzitholele le-EP ezitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana, ngeke uyikhalele imali yakho.