USELAELO SELOTA
Image: SIGCINIWE
URINGO MADLINGOZI
Image: SIGCINIWE
IZINGWAZI zomculo we-jazz, uSelaelo Selota noRingo Madlingozi, azisabhekani ngenxa yokuqhathwa wu-R90 000. Isolezwe lithole ukuthi uSelaelo wakhokhela uRingo idiphozithi ewu-R90 000 ukuba ayonandisa emcimbini wakhe i-One Country Concert ngo-Agasti 30, kulo nyaka, kodwa uRingo wangalubhada olwakhe unyawo.
Ethintwa uRingo, wenqabile ukuphawula wathi akukhulunywe noSelaelo noRichard Ramadzuli weThiko Events. Yize imizamo yokuthola uSelaelo ingaphumelelanga ngoba uSibusiso Ketwa weGabhiso Media uthe uSelealo uyalelwe ukuba ahoxe ekuphawuleni kwabezindaba ngalolu daba kodwa akhulunyelwe wumqondisi wale nkampani. UKetwa uthe uSelaelo wenza isivumelwano noRingo sokuba azonandisa emcimbini maqede wakhokha u-R90 000 kwiThikho Events njengesivumelwano.
"Emuva kokukhokhwa kwalesi samba semali, uMadlingozi wabe eseshintsha izinkampani ezimphethe. Inkampani entsha yacela ukuba kwengezwe enye imali phezu kwale diphozithi yemali aqashwa ngayo yize kwase kukhokhelwe iThikho Events."
UKetwa uthe uSelaelo usehluleke wancama ukubuyisa le mali kwabathintekayo njengoba uRingo agcina engafikanga emcimbini. Uthe ukungabuyiswa kwalo R90 000 kushayisa amakhala ngendlela iqiniso elingekho ngakhona kule ndima yezokungcebeleka.
Ebuzwa uRichard, uthe baqala ukusebenza noRingo kusukela ngo-Okthoba 2024, kodwa ubudlelwano babo baphela ngoMeyi, kulo nyaka, ngaphambi kokuphathwa yinkampani yakhe esingethwe yizihlobo zakhe.
"Wonke amabhuku ngezindaba zikaRingo zavulwa, zachazwa futhi zamukelwa ngasebengabaphathi bakhe nabangama-accountants. Njengabantu ebebesingethe izindaba zikaRingo, yonke imali obekuqashwa ngayo uRingo - singayibali eyokumphatha - isebenze ukwenza imisebenzi kaRingo yansuku zonke, okubalwa neyakhokhwa wuMnuz Selota."
URichard uthe bamchazelile uSelaelo amahlandla amaningi ngisho nabomthetho.
"USelota wasayina isivumelwano (perfomance contract) noRingo, okwakufanele anandise emcimbini kaSelota kodwa wenqaba, wathi akazi lutho ngokuqashwa kwakhe. Okuxakayo ukuthi uRingo uyena owathumela uSelota kithina ngakho konke. Ezindabeni zikaRingo nemali yakhe kukhona okungavezwa uma uRingo ekugunyaza lokho ukuba kwenzeke."
Uthe kubuhlungu ukuthi lolu daba seluze lwafika lapha ekubeni belungaxazululwa kalula ngokuthi ayonandisa noma inkampani entsha ikhokhele izindleko zokulawula izindaba zikaRingo.
RINGO MADLINGOZI
Image: SIGCINIWE
SELAELO SELOTA
Image: SIGCINIWE