Izindaba

Usinga olwangenza ngaveza umphambili esteji -Gcabashe

Charles Khuzwayo|Published

USWIDI Gcabashe ungena ezintangeni ngesixoliso ngokuvezela izithameli umphamabili eMpumalanga

Image: FACEBOOK

UMCULI kamaskandi, uMzomuhle "Swidi Gcabashe" Mnyandu, uthi akazisoli ngokuvezela izithameli umphambili emcimbini iMpumalanga Traditional Music Festival eMbombela, ngempelasonto eyedlule.

Ebuzwa kwiBhanyazile TV, uSwidi Gcabashe uthe yindlela abebonga ngayo ezithamelini ngokumsekela. Uthe ngeke axolise ngoba waye-surpriser izithameli.

"Bengithi ngenjabulo enginayo ngingabavezela konke enginakho ngenxa yabo. Kwakuyi-view once. Ngeke ngiphinde ngimveze umfana. Kwakhala nomama wekhaya wathi ngeke baba, sebezolithatha balibuke manje kanti kungcono ngisalifihlile." Uthe okwenza waveza umphambili wusinga olwamvuka esenandisa esteji.

"Abantu sebekhala ngeqashana elavela laphaya. Sekukhalwa ngokuthi ngamosha iNingizimu Afrika. Leya nto ayivezwanga yimi kodwa yavezwa wusinga olwathi uma luvuka ngathi ake ngikhiphe umfana bambone."

Nakuba kunjalo, uSwidi Gcabashe uthe uyaxolisa kuphela ezinganeni, abantu abadala  nasemakholweni kodwa kubalandeli bakhe abayizimpisi (okungabahlali basemahostela) nabayizingqwele, akaxolisi kakhulu." Uthe akasabi ukuthi uzogcina esevalelwa emicimbini ngalesi senzo ngoba yena uyathandwa ngabantu.

"Ugazi enginalo lungenza ngingasabi uma ngingakabulali muntu, ngingakathuki muntu, Ngingakaziqhenyi, ngingakashayi muntu. Noma uma ngingabi nephutha elingangikhipha kubantu, ngisuke ngingakabi nephutha elingangikhipha kubantu. Abantu bangithanda sidalo," kuphetha uSwidi Gcabashe.

Lo mculi waseNquthu, ungomunye wabashisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma ethi Emahostela, Hamba Nqola Yami, Ngelus' Amabhubesi, Sigcob' Uvaselina nelithi Ikuku.

USWIDI Gcabashe uthi usinga olwamenza wavezela izithameli umphambili

Image: FACEBOOK

AKAZISOLI uSwidi Gcabashe ngokuvezela izithameli umphambili wakhe

Image: FACEBOOK