Izindaba

Omakadebona bazocija amaciko aseThekwini

Charles Khuzwayo|Published

ZAKES MDA

Image: SIGCINIWE

JOHN KANI

Image: SIGCINIWE

AMACIKO akuleli ahlonishwa emhlabeni jikelele, uSolwazi Zakes Mda noDkt John Kani, azocobelela ngolwazi ozakwabo abasafufusa eCentre for Creative Arts, e-University of KwaZulu-Natal eThekwini ngoMsombuluko kuya ngoLwesithathu.

UKani uzobe ekhipha amangwevu ngobuchule emkhakhenji wokulingisa bese uMda egxila ebungcwetini bokulotshwa kwezincwadi ngaphansi kwesikhungo esisanda kusungulwa iJohn Kani Perfoming Arts Academy (JKA).

Lezi zingwevu zizobe zihambisana nomdidiyeli wemidlalo yaseshashalazini, uSteven Stead, yena onguqolothakamango emnxeni wokuqondiswa kwemidlalo. Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe imithombo yezindaba ngabe Centre for Creative Arts, lama-masterclass azobe evuleleke kubantu abayingcosana ukuqinisekisa ukuthi baphekwa baze bavuthwe tobo kule mikhakha.

Amaciko azobuye avulwe amehlo ngolwazi lokuthi bengawuvikela kanjani umsebenzi wabo ngaphansi kwe-Intellectual Property & Copyrights, okuwuhlelo oluzobe lwethulwa ngabeCIPC.

UKani uthe kuyisibusiso kuye ukwethula uJohn Kani Perfoming Academy KwaZulu-Natal ngoba kuzomnikeza ingqayizivele yethuba lokuxhumana nozakwabo ayibambe nabo insimbi ishisa mkhakheni wezobuciko.

"Izinhloso zeJKA ukuthuthukisa ulwazi nokufukula amaciko aseza ngemuva. Ngiyalubonga uxhaso lwemali ekhishwe wuMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ukuze iJKA ikwazi ukuletha lezi zifundo eKZN."

Uthe ngalezi zifundo uqonde ukuba amaciko asemnkantshobomvu abelane ngolwazi nasafufusa. UMqondisi weCentre for Creative Arts futhi oyilungu lebhodi yeJohn Kani Perfoming Arts Academy, u-Ismail Mahomed, uthe bakuthakasele kakhulu ukusingatha uchungechunge lokuqala lwezifundo zalesi sikhungo. 

Amagalelo kaKani ayaziwa kakhulu kuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle kangangoba yena nozakwabo ongasekho uBarney Simon basungula iMarket Theatre Laboratory eminyakeni engu-30 eyedlule.

Ngokusungula iJohn Kani Perfoming Arts Academy uthe uqonde ukufukula ulwazi lwamaciko asacathula naseqalile ukuveza amakhono awo endimeni yezokulingisa.

Lama-JKA Masterclasses eThekwini azobe elawulwa yithimba elingaphansi kwe-Emerging Arts Management eCentre for Creative Arts, okungoThalente Ndlovu owenza izifundo zeMasters ezifundweni ze-literature and theatre, uKholeka Khumbuza ongumdidiyeli wamafilimu osathwasa kodwa osenenqwaba yemiklomelo noMvunga osesingathe izinhlelo eziningi kulesi sikhungo. Ngeminingwane egcwele kungenwa ku:https://cca.ukzn.ac.za.