Izindaba

Ubeyosiza engozini umqeqeshi olimale kwenyantisa igazi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou Picture: Sydney Mahlangu/BackpagePix

Image: Sydney Mahlangu/BackpagePix

I-Orlando Pirates Football Club iqinisekise ukuthi umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou kanye nabasebenzi abahlanu beqembu babe sengozini ngeSonto ebusuku.

Lokhu kwenzeke emgwaqeni onguthelawayeka u-R21 ngesikhathi iqembu libuya eGqeberha, kulandela ukunqoba kwalo iChippa United ngo 3-0. Kushayisane izimoto ezimbili, umqeqeshi u-Ouaddou kanye nozakwabo behla ebhasini leqembu ukuze bayosiza. 

Ngesikhathi beya endaweni yengozi, kuqhamuke imoto yohlobo lweNissan NP200 yashayisa lezi zimoto ebezimile, kwalimala nabantu abebemile.

Umqeqeshi u-Ouaddou, kanye nabasebenzi abahlanu abathintekile, baphuthunyiswe esibhedlela, lapho belashwa khona. Iqembu liyaxhumana nodokotela futhi lizokhipha imininingwane ngokuhamba kwesikhathi.

Isiyazisiwe imindeni yabathintekile futhi ikuthola konke ukwesekwa okudingekayo ngalesi sikhathi esinzima.