UNKK Ayanda Dlamini okhuthaza omama abagane abefundisi ukuba babhodle
Image: SITHUNYELWE
INHLANGANO ehlanganisa omama abagane ebefundisi iDear Pastors Wives ibakhuthaza ukuba bangafeli ngaphakathi kodwa babhoboke ngezinselelo ababhekena nazo emabandleni kanjalo nasempilweni nje jikelele.
Umsunguli wale nhlangano uNkk Ayanda Dlamini ongumama uMfundisi webandla iRehoboth Christian Centre utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi omama abagane abefundisi ziningi kakhulu izinselelo ababhekana nazo.
Uthe lokhu ke kuye kuze kugcine sekudale ukuthi abanye babo bagcine sebenengcindezi enkulu empilweni abayiphilayo.''Yiqiniso ukuthi omama abagane abefundisi kunezinto eziningi kakhulu abaye bazithole bebhekene nazo. Kwesinye isikhathi kuye kube nzima kakhulu nokuthi bazinqobe,'' usho kanjena.
Uthe kule nhlangano bahlose kakhulu ukuthi banikeze omama ingqayizivele yethuba lokuba babhodle ngazo zonke izinselelo ababhekana nazo empilweni.''Sifuna ukuthi omama abagane abefundisi bangafeli ngaphakathi kodwa bakhulume ngazo zonke izinkinga ababhekana nazo.Lokhu sikholwa wukuthi kungabalekelela kakhulu ekutheni behlise umthwalo abazithola benawo empilweni,'' usho kanjena.
Uthe enye yezinkinga abazithola bebhekene nayo wukungamukeleki kumalungu ebandla. ''Lena yinkinga enkulu kakhulu eye ibahlukumeze omama abagane abefundisi. Iningi labo liye limane lingazi nokuthi lithatheni lihlanganise nani ukuze likwazi ukudlula kulesi simo,'' kuchaza yena.
Uthe kuthi kunjalo kwesinye isikhathi omama abagane abefundisi kwesinye isikhathi kudingeke ukuthi bameseke ubaba noma ngabe sebebona ukuthi sekusebenza nemali yomndeni ebandleni.''Kodwa kuye kudingeke ukuthi ume uqhubeke umeseke umyeni wakho ngisho noma ngabe kunzima kangakanani,'' usho kanjena.
Okunye akhulume ngakho wukuthi abanye abazalwane baye bafise sengathi umama ogane umfundisi wabo kungaba wumuntu ohlukile kunalo abambonayo.''Konke lokho kumele ukugwinye ubekezele wazi ukuthi yizinselelo okumele umelane nazo ngaso sonke isikhathi,''usho kanjena.
Ugcizelele kakhulu ukuthi kumqoka ukuba omama abagane abefundisi bahlanganyele ndawonye ukuze bacobelelane futhi bafundisane ngezindlela ezahlukene zokweseka abayeni babo nokumisa amabandla abakuwona.Uveze ukuthi ngoNovemba 15 bazobe behlanganyele eNdaba Lodge, eRichards Bay okuyilapho ethe bazobhodla ngezinto ezehlukene.