Izindaba

Kuzobizwa noCele ekomitini eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

OWAYENGUNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele

Image: Sigciniwe

KUZOBIZWA nowayengungqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuba azophendula imibuzo ekomitini lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Amalungu ekomiti avumelane ngokuthi uCele abizwe ukuba azochaza ukuthi wazini ngezinsolo ezenziwa uMkhwanazi zokuthi amaphoyisa asebenzisana nezigebengu.

Lesi sivumelwano senziwe emhlanganweni wekomiti obungoLwesihlanu, lapho bekudwetshwa khona umhlahlandlela ozolandelwa yikomiti ophenyweni lwalo.

Isiphakamiso sokuba kubizwe noCele senziwe ilungu leMK, uMnuz David Skosana.

UCele waba ungqongqoshe wamaPhoyisa kusukela ngo-2018, waze waphuma kulesi sikhundla emva kokhetho lwangonyaka owedlule.

Emva kwakhe, kube sekuthatha uNgqongqoshe osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

UCele wake waba ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke kusukela ngo-2009 kuya ku-2011.

USkosana uthe uCele angaba nolwazi olungalekelela kakhulu ophenyweni lwekomiti.

"Lezi zinto ezishiwo uMkhwanazi aziqalanga ukwenzeka ngoba nakhu sekuphethe uMchunu. Kade zaqala ukwenzeka. Uyabona nje, lena yokubulawa kosopolitiki ibiyenzeka kakhulu ngesikhathi kusaphethe yena uCele. Ingakho kubalulekile ukuthi naye uCele abizwe ukuba azositshela ukuthi yena wazini."

USihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uthe uMkhwanazi uyena ozokwethula ubufakazi kuqala.

"Into esizoqala ngayo ukuba sibize ubuholi bamaphoyisa ukuba buzokwethula ubufakazi. Umuntu wokuqala ebuholini bamaphoyisa ozokwethula ubufakazi kuzokuba uyena uMkhwanazi. Emva kwakhe, sizobiza uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, ukuba azokwethula ubufakazi. UMchunu naye uzobizwa ukuba azokwethula ubufakazi."

Abanye abasebuholini bamaphoyisa abazokwethula ubufakazi yiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa elimisiwe, uLieutenant Shadrack Sibiya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia, namaPhini oNgqongqoshe, uMnuz Cassel Mathale noNksz Polly Boshielo.

ULekganyane uthe abakazi ukuthi bazoqala nini ukulalela ofakazi.

"Asikaxhumani nabo abantu abazokwethula ubufakazi. Ikomiti lizoxhumana noMkhwanazi, sizwe ukuthi angakwazi ukuza nini ukuzokwethula ubufakazi. Emva kwalokho siyobe sesixhumana nabanye ofakazi. Sifisa ukuthi konke lokhu kwenzeke ngokushesha."

Ikomiti kufanele liphothule umbiko walo ozokwethulwa ePhalamende ungakadluli u-Okthoba 31.

ULekganyane uthe bahlalelwe umsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi baphothula umsebenzi wabo ngaphambi komnqamulajuqu abawubekelwe yiPhalamende.