Ubukhazikhazi inkampani yesiphuzo ibusisa ebibameme kwiDurban July

Simangaliso Ntshangase|Updated

UBUKHAZIKHAZI, inhlanzeko, ubunofonofo nesitayela bekudla lubi kwelinye lamatende okungcebeleka abesemcimbini womjaho wamahhashi nezemfashini iHollywoodbets Durban July, obuwenziwe inhlandla lesi-129 eGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo.

Kuleli tende lenkampani yesiphuzo esidakayo iWindhoek Beer, bekumenywe abantu bezinhlaka nemikhakha eyahlukene ukuzohlala ndawonye, kuxoxwe, kwazwane kube kujatshulelwa ukuba ndawonye kulo mcimbi, ongqikithi yawo yanonyaka ibithi Marvels of Mzansi, okusho ukuthi bekuqhakanjiswa ubuhle bezinhlaka ezahlukene zakuleli zwe.

Isolezwe lizibonele ngokwanele ubumnandi nenjabulo kubantu abangaphezu kwa-50 abebehlangene etendeni leWindhoek Beef, lapho obekujatshulw khona ngomculo obudedelwa woDJ bosuku oChad Daniels noKabelo Seleke, odlale kusuka ekuseni kwaze kwayovalwa ngo-1o ebusuku, kujatshuliswa izethambeli ebezizitika ngokudla neziphuzo.

BEKUKUHLE kanjena ebantwini abebengcebeleka etendeni leWindhoek Beer kwiHollywoodbets Durban July, ebiseGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE

Enye yezimenenja zeWindhoek Beer SA uMnuz Thato Mothibedi uthe kubajabulisile ukubona abantu ababahlanganise ndawonye bejabule ngale ndlela, ikakhulu ngoba bekuvele kuyinhloso yabo ukuthi kuxhunyanwe egameni labo kube kujatshulwa ngale ndlela.

BEKUKUHLE kanjena ebantwini abebengcebeleka etendeni leWindhoek Beer kwiHollywoodbets Durban July, ebiseGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE

"Kuhlale kusemkhondweni wethu ukubona abantu abantu bejabule ngenxa yethu ngoba sikulesi sigaba esikusona manje ngenxa yokwesekwa yibona kusukela kuqalwa le nkampani eminyakeni engaphezu kwa-100 edlule, ngakho kusemqoka ukuthi sihlale siba nezinhlelo esizenzayo zokujabulisa abantu futhi sibe siqhubeka sikhulisa igama leth," usho kanje.

Uthembise ukuthi abagcinile ukubonakala ngalo mcimbi kuphela, njengoba kusekuningi okunye abakupheka nabakuhlelela ukuthi bakwazi ukubonakala emphakathini wezindawo ezahlukene ukujabulisa abantu abathanda nabathokozela imikhiqizo yeziphuzo zabo.