IWorld Travel Market yisendlalelo esihle seTravel Indaba

Nonkululeko Nhlapo|Published

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi abahambele iWorld Travel Market kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu eKapa.

Image: Dube TradePort/FACEBOOK

BANINGI abantu abanokudideka ngemicimbi yezokuvakasha evame ukwenzeka ngokulandelana ezindaweni ezahlukene, kodwa igxile ekuqhakambiseni ibhizinisi nemikhiqizo yezokuvakasha ezwenikazi lase-Afrika. Kule ngosi sikucacisela ngokubaluleka nokuhluka kwemibili ebalulekile yezokuvakasha okumele ube yingxenye yayo uma usembonini yezokuvakasha i-World Travel Market (WTM) neTravel Indaba.

Imicimbi ye-WTM (World Travel Market) okuhlanganisa i-WTM Africa yandulela i-Travel Indaba.  Mayelana nesikhathi nenhlosongqangi; I-WTM iwumcimbi obanzi womhlaba wonke osebenza njengenkundla yemboni yezokuvakasha ukuthi ixhumane, yethule imikhiqizo emisha futhi ikhiqize imikhondo yokuthengisa. I-Travel Indaba ngakolunye uhlangothi, wumcimbi oqondile, ogxile e-Afrika okhombisa ngemikhiqizo yezokuvakasha yase-Afrika futhi uheha abathengi bomhlaba e-Afrika.

I-WTM (World Travel Market):

Inhloso: Imicimbi ye-WTM, ehlanganisa i-WTM Africa, ihlose ukuxhuma imboni yezokuvakasha yomhlaba wonke, ehlanganisa izivakashi ezibuya kwamanye amazwi nezihambela kwamanye amazwe, nezindawo ezihlukahlukene nemikhakha yezimboni.

Ezokuxhumana (Networking) nebhizinisi: I-WTM isebenza njengenkundla yamabhizinisi ukuba baxhumane, bathuthukise ubudlelwano futhi benze ucwaningo lwemakethe.

Izazi zomhlaba: I-WTM iheha inqwaba yochwepheshe bezokuvakasha bamazwe ngamazwe, okuhlanganisa abathengi nabezindaba.

I-Travel Indaba (Africa's Travel Indaba):

Igxile e-Afrika kuphela: Indaba iklanyelwe ngokukhethekile ukukhombisa izinhlobonhlobo zemikhiqizo yezokuvakasha yase-Afrika nezindawo zakhona zezokuvakasha

Ukuheha abathengi bomhlaba wonke: Indaba iheha abathengi bamazwe ngamazwe, abezindaba nezingcweti zemboni. Ihlinzeka ngezigaba ezihlukahlukene zezokuvakasha, okuhlanganisa ezingamanani aphansi nezomtakabani.

Iphethwe yiSouth African Tourism: Indaba umcimbi olawulwa wuhulumeni ngenhloso yokudala amathuba emikhiqizo eyahlukene yezokuvakasha ukufinyelela ezimakethe.

Okwenzeke eWTM Afrika eKapa kuleli sonto:

 

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi abahambele iWorld Travel Market kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu, eKapa.

Image: facebook

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi abahambele iWorld Travel Market kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu, eKapa.

Image: Dube Tradeport

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi abahambele iWorld Travel Market kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu, eKapa.

Image: FACEBOOK