Ushaqekile umsiki wengqephu ngomkhiqizo ongumbombayi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNIKELE ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukuphoxeka umsiki wengqephu uTshepo ebona izimpahla ezingumbombayi ezenziwe ngelebuli yakhe.

Lo msiki wenqephu udume ngomkhiqizo wakhe wamajini asoqophelweni eliphezulu, walandela ngokuvula isitolo sakhe sokuqala eHyde Park eGoli ngoJanuwari nyakenye.

Baningi abaningenise ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuzwelana naye, babodwa abamqinise idolo ngokuthi kuhle uma kukhona abakopela kuyena ngoba kusho ukuthi ingqephu yakhe isigcwele yonke indawu futhi iyathakaselwa kakhulu.