Ezokungcebeleka

UMthandeni SK ubeke phambili uNkulunkulu ngomcimbi

Fanelesibonge Bengu|Published

ISILOMO sikamaskandi Mthandeni SK nosomabhizinisi uVezokuhle Nala beseMkhaliphi Stadium eMdletsheni

Image: Facebook

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

Lo mcimbi obekungokwesithathu ukhona, ubuseMkhaliphi Stadium ngoMgqibelo.

UMthandeni, obuye aziwe ngeGcokama Elisha, ubelokhu ebazise njalo abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana kusuka besaqhuba amalungiselelo kuze kuba usuku lomcimbi.

Ngosuku olwandulela umcimbi ufake i-video yena nethimba lakhe beguqe ngamadolo bethandaza, kubo.

Ngosuku lomcimbi ufake i-video esesiteji ehambisana nombhalo othi “Wadla Jesu”.

Izolo, uphinde wabeka phambili uThixo efaka umbhalo othi: “Yey uNkulunkulu uyayihlonipha intandane."

BEBEBULALA inyoka abantu abebethamele umcimbi kaMthandeni SK eMdletsheni ngoMgqibelo

Image: Facebook

Imizamo yokumthola ayiphumelelanga izolo. Kuhluleke kuzanywa nemenja yakhe uSimphiwe Masondo noVezokuhle Nala wenkampani Amathole Funerals ebingabaxhasi futhi eseqhulwini lokugqugquzela.

Izinkumbi zabantu zithamele le ndumezulu yomcimbi obubophele inqwaba yabaculi.

Phakathi kwabo, kubalwa uZee Nxumalo, DJ Tira, Jumbo, Thinah Zungu, Duncan, nabanye abaningi abanandise kwaze kwasa.

Abadlali bezimoto ezingama-4x4 bashaye ujenga ngeziqwalantaba zabo bebheke emcimbini.