Ezokungcebeleka

Asikanqunywa isamba sokudayisa iFact Durban Rocks

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Tira noChad White bahlela okokugcina iFact Durban Rocks

Image: FACEBOOK

ASIKANQUNYWA isamba okuzodayiswa ngaso umcimbi iFact Durban Rocks nakho konke okuhlangene naleli gama kulandela isimemezelo sabanikazi bawo sokuthi bakufaka endalini.

U-DJ Tira noChad "Mr White" White bobabili bamemezele ngesitatimende ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngokokugcina behlela iFact.

Ngo-Okthoba, leli phephandaba labika ngokungacaci kwekusasa layo kulandela ukuphuma kwezikhangiso zokuthi ngeyokugcina.

Ngaleso sikhathi uTira wathi isinqumo esiwujuqu abakasithathi.

“Kade sisayina i-petition esizama ngayo ukuveza izinkinga esinazo futhi zikhona nezinye ezisisebenzisa kanzima umuntu aze afikelwe wumcabango wokuthi mhlawumbe kumele ayiyeke le nto. Nangu nomasipala awufuni ukwenza izinto zibe lula kithina,” kusho uTira ngaleso sikahthi.

Esitatimendeni bathe kusuka iqala ngo-2011, yayidonsa kuze kushaye u-6 ekuseni. Bathe bayaziqhenya ngokuthi ngesikhathi kuhlasele igciwane iCovid-19, bakwazi ukwenza ama-picnic amabili futhi bakwazi nokusakaza bukhoma umcimbi.

“Kulo Disemba kuzoba wumcimbi wethu weFact ka-30 okuyinto enkulu. Sikholwa wukuthi yisikhathi esifanele sokudlulisela kumuntu omusha,” kusho isitatimende.

Sithe kuzoba wumcimbi wokugcina uhlelwa ngokubambisana abaphathi bawo.

UTira noChad banenkampani ngokuhlanganyela iFact Durban Rocks neFact Foundation. UChad ungumhleli wemicimbi onamava.

Bathe ngoJanuwari, bazofaka endalini konke okuhlangene neFact.

Ekhuluma naleli phephandaba, uTira okwamanje asikho isamba asebenqumile abazosibiza.

“Sigxile ekwenzeni iFDR yethu yokugcina kodwa kukhona ongoti abasibhekela isamba esifanele,” kusho uTira.

I-Fact Durban Rocks izoba sePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 31.

Kuboshelwe uYoung Stunna, Professor, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, DJ Tira, DJ Maphorisa, Big Zulu, Pcee, Jazzworx noThukuthela, Goldmax, Dankie Booi, Umafikizolo nabanye abaningi.

Amathikithi aqala ku-R350 eTicketpro naseSpar.