UTEBOGO Thobejane oseveze ukuthi akasashelwa ngenxa yesigameko sokudutshulwa esamvelela
Image: Supplied
UMLINGISI osematheni kulezi zinsuku, uTebogo Thobejane, useveze ukuthi ukunganakwa ngabantu besilisa ngemuva kwesigameko sokudutshulwa okuvela ukuthi sasihlelwe owayeyisoka lakhe uVusi "Cat" Matlala, sekumehlise nokuzethemba.
Ku-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uTebogo eveza ukuthi muva nje isimo sakhe kwezothando asihambi kahle njengoba abesilisa besaba ukuzihlanganisa naye.
"Yazi ningacabanga ukuthi amadoda anesibindi, awanaso. Ayikho indoda engaqhamuka manje kimi ithi ifuna ukuthandana nami futhi ifuna ukunginakekela ngemuva kwesigameko sokuthi ngidutshuliwe, bayakusaba ukufa. Niyabona nani ngimuhle kanjani kodwa manje uma ngingena endlini egcwele abesilisa bepolitiki, osomabhizinisi nabanye abanemali, akekho okunakayo ngenxa yalesi sigameko. Ukube asenzakalanga ngabe nginaye owesilisa engithandana naye, ongishadile, ongihambisa amazwe ahlukene kodwa akwenzeki," kusho uTebogo.
Uthe abanye uma bebheka ukuthi ungubani kwi-internet babone ukuthi wake wabhekana nesimo esifana nalesi, abafuni nokuqhubeka bakhulume naye.
"Le nto uma sengiyizwa ingehlisa ukuzethemba ngoba abanye bangibona njengempimpi, umuntu ongathembekile osehlakalelwe yizigameko eziningi ezithusayo, bese nabo besabela impilo yabo. Sekuyizikhawu eziningi uma ngizwa ngalokhu ngivele ngifike endlini ngikhale," kusho yena.
Uthe kwezinye izikhathi uze abuze uNkulunkulu ukuthi wenzeni aze ehlelwe yizigameko ezifana nalezi, kungani engafi kunokuzwa ubuhlungu?
"Ukubona abangani bakhe nabanye besifazane akade bephila impilo ephezulu nabo besaphila kahle kuyamlimaza kakhulu. Mina kukhona abesifazane akade bephila kahle ngenxa yami kodwa manje okwenzeka kimi kubuhlungu," kusho yena.
UTebogo wasinda ehlaselwa amadoda angaziwa, nokwagcina ngokuthi alishiye elakuleli ayohlala eDubai, ngenxa yokusabela impilo yakhe.
Ngasekuqaleni kwalo nyaka, kube sekuboshwa owayeyisola lakhe usomabhizinisi uMatlala ngalesi sigameko, namanje osaduve ejele.
Related Topics: