USOMIZI Mhlongo oseveze umbono wakhe ngomcimbi walo nyaka kaMiss SA
Image: X
USAZIWAYO uSomizi Mhlongo usejoyine abathandi bomcimbi kaMiss South Africa abakhala ngokwehlelwa kwawo yizinga nonyaka.
Umcimbi wanonyaka ubungoMgqibelo ePitoli, kanti sebebaningi abakhala ngendlela izinga lawo ebelehle ngalo kusuka ekuhlelweni, abethuli ngisho nabanye abaculi abebenandisa khona.
USomizi utinyele ithimba labagqugquzeli ngabaculi nangokungazwakali kahle komsindo, wathi bawenzele phansi umcimbi.
IZINTOKAZI ebeziqhudelana emcimbini kaMiss SA okukhalwa ngokuthi sewehlelwe yizinga
Image: X
"Ngizoqala nje ngokuthi ngiveze ukuthi umcimbi walolu hlobo kumele uhehe zisuka nje, izintokazi zisangena esiteji. Umculo kumele kube ngovusa uhlevane, kube umculo we-Orchestra ogcwele izinsimbi bese kungena izintokazi okokuqala. Ngeke ngisho ukuthi le nkinga iqale manje, kodwa isinesikhathi njengoba eminyakeni edlule bekwenzeka lokhu engikushoyo kodwa manje akusekho. Ngeke ngigxeke uCiza okunguye ovule umcimbi, kodwa bekungamele kube nguyena osethulela izintokazi. Ingoma yakhe eyokuvula kweminye imicimbi yozime yasemalokishini hhayi kuMiss SA," kusho uSomizi.
Uthe ngisho izingubo ebezigqokwe yizintokazi ezingu-9 bezingahehi ngendlela okwakwenzeka ngayo kulo mcimbi kudala.
"Ngiyazi ukuthi iNala iqhakambisa imisiko yakuleli, egqamisa amasiko nezizwe ezihlukene, kodwa abaqale manje benze kangcono kunalokhu abakwenzile . Kukhona umsiki wengqephu waseThekwini okumele le nhlangano imbheke njengoba ethunga izingubo ezinhle. Isigwili, uSorisha Naidoo, sisebenza naye. Ngiyazi ukuthi kuningi okuhle angakukhiqiza emicimbini efana nalona," kusho yena.
Uthe okunye okumphoxile wukungezwakali kwengoma ebiculwa yizintokazi zakuleli okukhona kuzo uBucie, Xolly Mncwango, Karen Zoid ethi I'm a Woman.
Uveze ukuthi laba baculi benza kahle emikhakheni abakuyo kodwa kulo mcimbi kuvele kwadlalwa ngabo.
Uthe uyakholelwa ekutheni uNomalanga Shozi obephethe uhlelo uma engaqhubeka anikwe elinye ithuba lokwethula lolu hlelo angenza kahle, njengoba kulokhu ebeqala futhi esaba - kwagcina kukuningi okungahambanga kahle.
Uveze ukuthi ngokwakhe uBonang Matheba nguyena muntu oseke waphatha uhlelo kahle kulo mcimbi yonke iminyaka ekade enikwe ithuba.
USomizi ukhuluma kanjena nje abaningi ezinkundleni zokuxhumana bayaligxeka izinga lo mcimbi.
Related Topics: