Ezokungcebeleka

UBlack Coffee umemezele ukubuya komcimbi omkhulu eThekwini

Nokubongwa Phenyane|Published

UDJ Black Coffee osememezele izinhlelo zomcimbi wakhe i-Africa is Not a Jungle eza eThekwini ngenyanga ezayo

Image: Instagram

UMAKADEBONA weciko lakuleli kodwa elizinze phesheya, uNkosinathi Maphumulo, odume ngelikaDJ Black Coffee, useveze ukuthi abantu abaqhubeke nokuthenga amathikithi omcimbi wakhe okhuza ibuya njengoba ngawo esiza ezinhlakeni eziningi kuleli.

Ukusho lokhu njengoba esememezele usuku lomcimbi i-Africa Is Not A Jungle, oseBotanic Gardens, eThekwini, ngoNovemba 8.

Lo mcimbi uthe uyobe usulandelwa omunye wokuqoqa iminikelo eya esikhwameni esisiza uma kunezinhlekelele iJohannesburg Benefit Concert, ozoba seGoli ngoNovemba 29.  

“Umcimbi lona engawenza ngenjongo yokujabulisa abantu basekhaya uma sekusondela isikhathi samaholidi, ngawo yonke imali isuke izonikelwa ezikhwameni engisebenza nazo ukubheka izinhlekelele nezimo ezihlukene ezehla ekhaya eMzansi, emiphakathini esiphila kuyo. Kodwa engifuna ukukuveza ngalo mcimbi ukuthi sinamakhono angakanani futhi sinaluphi uhlobo lwabaculi noDJ,” kusho uBlack Coffee.

Uthe emacikweni azobe enandisa naye kulo mcimbi kubalwa i-2wo Bunnies, Asvnte, Babalwa M, Breetz, Ciza, De Rocka, Dlala Thukzin, Jordan Arts,  Man Q, Major League DJz, Oscar Mbo, Stanky Deejay noTirhani.

Uthe ukhethe ukusa lo mcimbi endaweni iBotanic engathi iyihlathi ngoba efuna uhambisane nesigqi sabo njengoba uthakaselwa abaningi ngisho phesheya kwezilwandle.

Uveze ukuthi uma bewuvezela abantu abahlukene kwamanye amazwe baba nesifiso sokuthi babe yingxenye yawo.

“Ukuwubona ngale ndlela abantu bakude yikhona okusenze sabona ukuthi ngawo asisebenzele imiphakathi ngawo, bonke abathenga amathikithi abazi ukuthi u-R20 uzoya ezikhwameni ezihlukene ukufukula imiphakathi, ukusiza amaciko asakhula, uphinde usize ekukhuliseni intsha efuna ukwenza imisebenzi ehlukene yezandla kuleli,” kuchaza yena.