Ezokungcebeleka

UNomalanga kudala ayefisa ukuba esiteji sikaMiss SA

Nokubongwa Phenyane|Published

UNOMALANGA Shozi oseveze injabulo yakhe ngokuphatha uhlelo emcimbini kaMiss SA ozoba ngoMgqibelo, ePitoli

Image: Sithunyelwe

KUFEZEKE iphupho leminyaka lokuzibona esesiteji sikaMiss SA, kumethuli wezinhlelo uNomalanga Shozi okunguye ozophatha uhlelo emcimbini walo nyaka.

UNomalanga, Pamela Mtanga, Zee Nxumalo bangabanye besifazane abazogqamisa amakhono abo eSun Arena, ngoMgqibelo, kulo mcimbi ozobe usakazwa bukhoma kuMzansi Magic (161).

Ekhuluma neSolezwe, uNomalanga uthe ayekufisa ukuthi abe ngenye yezintokazi eziqhudelana kulo mcintiswano kodwa akangalithola lelo thuba njengoba sekuvele leli manje.

UNOMALANGA Shozi ozophatha uhlelo emcimbini kaMiss SA

Image: Sithunyelwe

“Injabulo enginayo angazi nokuthi ngiyichaze kanjani. Into engijabulela kakhulu ukuba yingxenye yalo mcimbi okukade ngangifisa ukuthi ngibe yingxenye yawo. Ngiyabonga kubagqugquzeli bomcimbi ngokunginika ithuba elifana naleli, sengikubheke ngabomvu ukuthi ngihlangane nabazobe bewubukele ngoMgqibelo, sijabule sonke,” kusho uNomalanga.

Uthe useqalile manje ukulungisa izingubo ezihlukene azobe ebonakala ngazo esiteji nokungenye yento ebalulekile emcimbini walolu hlobo.

“Ngibonga kumama uPrecious Motsepe wabayingxenye yomcimbi abathe bazongigqokisa, nakho lokho kuzodala ukuthi ngibukeke ngimuhle ngisho kwamanye amazwe. Ngiyathemba izintokazi ezingu-10 ezizobe ziqhudelana zizilungisile manje,” kuchaza yena.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal kulo mcintiswano simelwe umlingisi osanda kubonakala emdlalweni iShaka-Ilembe, uLuyanda Zuma, noLebo Msimanga waseMpangeni.

Ezinye izintokazi eziyingxenye yalo mcimbi kubalwa uNelly Mashile (28) waseBenoni, Qhawekazi Mazaleni (24) wase-East London, Nthabiseng Kgasi (30) waseGauteng, Karabo Mareka (28) waseGauteng, Ghee-Ann Rademan (23) waseCape Town, Bridgette Jones (28) waseCape Town, Zanele Phakathi (27) waseGauteng noGizelle Venske (27) waseGauteng.

Lo mcimbi bekumele ubanjwe ngo-Agasti, kodwa izinkinga zokushintshwa kwabaphathi bawo zadala ukuthi ube nokubambezeleka.