UMSAKAZI weGagasi FM, uSelbeyonce Mkhize, ozobe ephethe uhlelo emcimbini Intandokazi
Image: SITHUNYELWE
KULINDELEKE ukuthi uqhubeke nokuchushisa abantu besifazane ngezinto ezihlukene ezithinta bona umcimbi wanonyaka Intandokazi ozoba seThekwini, ngoDisemba 13.
Lo mcimbi weSolezwe uzobanjelwa ePremier Hotel Splendid Inn, eMhlanga.
UPhumi Mkhize osethimbeni lezokukhangisa kwiSolezwe, uveze ukuthi bakhethe ukwenza umcimbi walo nyaka ngasekupheleni konyaka ukuze bavale unyaka ngegiya eliphezulu nabesifazane abajwayele ukuba yigxenye yawo.
"Engifuna ukusheshe ngikugcizelele ukuthi abesifazane abafuna ukuba yingxenye yalo mcimbi abaqale manje bazitholele amathikithi ukuze bezojabula nathi kulo mcimbi. Ngawo njalo ngonyaka sisuke sifuna ukuzochushisana nabesifazane abasemikhakheni ehlukene bakhulume nabesifazane ngezinto abafuna ukuzazi kabanzi. Sizoba nabesifazane abasemkhakheni ehlukene ethinta ezomthetho, ezezimali, ezolimo njengoba sizobe siphethe uNkk Nonhlanhla Mgibe ongumlimi, kuyobe kukhona nokunye esinakho abafuna ukukwazi kangcono," kusho uPhumi.
Uveze ukuthi okunye ngomcimbi walo nyaka njengoba isikhathi sasehlobo sizobe sesingenile, bafuna abesifazane bafike begqoke izingubo zasehlobo ezishaya umoya ezihlobe ngezimbali.
"Sisho kusemanje ukuthi abalungise izingubo zabo zasehlobo bafike beshaywa umoya, njengoba bezohamba bejabule ngenxa yezipho ezihlukene abazohamba beziphethe. Kulo mcimbi akekho ohamba engaphethe lutho, amathikithi aseyatholakala eQuicket (www.quicket.co.za.) ngo-R595. Ngiyagcizelela ukuthi baphuthume bawathole," kusho uPhumi.
Umsakazi weGagasi FM, uSelby Mkhize, uyena ozobe ephethe uhlelo, uDJ Queen uyobe enandisa ngalo lolusuku.
UPhumi uveze ukuthi ezinye izihambeli zomcimbi bazozimemezela ekuhambeni kwesikhathi.
Related Topics: