Kuboshelwe izintandokazi koweHello Durban
Image: Sithunyelwe
UKgolo Mthembu odume ngelikaKgolo da Guru uhlela indumezulu yomcimbi iHello Durban eGreyville Racecourse eThekwini ngomhlaka 1 Novemba. Lo mcimbi uthembisa ubumnandi bekhethelo njengoba kuboshelwe iqembu elikade lagcinwa iLiquideep.
UKgulu uchaza ukumenywa kwaleli qembu njengokubuyiswa komlando wobumnandi bakudala ngamanoni abo ayeshisa izikhotha njengeBBM, Fairytale, neRise Again. Abanye abaculi abazobe bekhona kubalwa uMORDA,Zee Nxumalo, Sphectacula & DJ Naves.
“Ngagcina ukubona iLiquideep inandisa ngo-2010 e-nightclub yami, kwaba ngomunye wemicimbi emihle esake saba nayo,” kusho uKgolo, ongomunye wabahleli befestiveli. “Ukubabona bephinde bahlangana kwi-Hello Durban Festival akuyona nje into encane, kodwa kuwuphawu lokubuyisa ubumnandi esake saba nabo.
Abahleli beHello Durban bathi akuwona-nje umcimbi omncane - kodwa yisiqalo esisha esisezingeni lomhlaba. Sibala umculo odlalwa bukhona, endaweni enhle evulekile, kuzobe kukhona nezoso, ukudla okumnandi okukhethwe yithimba labapheki abasezingeni. Kulindelwe abantu abalinganiselwa ku-3000 abazoba yingxenye yale ngqophamlando eqalayo kulo nyaka.