Ezokungcebeleka

Uyaqhubeka oLundi umngcwabo kaLondiwe Nene weYoungins

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ungcwatshwa ekhaya kubo oLundi namhlanje umlingisi weYoungins

Image: Instagram/nenelondiwe

Umlingisi wemidlalo yethelevishini, uLondiwe Faith Nene, uzofihlwa emathuneni asekhaya eMakhosini oLundi namhlanje emuva kwenkonzo eqale ngo-10 ekuseni. ULondiwe (35) uzakhele udumo ngokulingisa emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iYoungins, Aunties ne-Adulting kanti uke wethula izinhlelo kuMoja Love.

Ngokubika kweSunday World kubikwa ukuthi ukushona kwakhe kuhlobene nezinsolo zokuthi udliswe ushevu. Udadewabo, uLethukuthula Nene, utshele leli phephandaba ukuthi umndeni ukhungathekile ngokudlula emhlabeni kwalo mlingisi. Uveze ukuthi uLondiwe uphuze ushevu, nakuba iziphathimandla zisaphenya ngesimo sokushona kwakhe kabuhlungu. "Uphuze ushevu. Kubukeka sengathi kunjalo. Kodwa yonke imininingwane sizoyithola ngesikhathi kochwepheshe. Kodwa kwakungushevu; uphuze ushevu," etshela le ncwadi.