Ezokungcebeleka

Kuzophenduleka imibuzo yabaningi kugoqwa uhlelo lwemishado

Nokubongwa Phenyane|Published

Umethuli wezinhlelo uRelebogile Mabotja ozokwethula isiqephu sokugcina sohlelo iMarried at First Sight Mzansi ezogoqwa ngeSonto

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi ludonse amahora amabili uma selugoqwa ngeSonto uhlelo iMarried at First Sight, njengoba kuzobe kukhonjiswa isiqephu sokugcina.

Kulolu hlelo olukhulumise abaningi kubonakala abesifazane nabesilisa abazama inhlanhla yomshado nabantu abangabazi, abashada nabo beqala ukubonana.

Isizini yesibili yalo ibe ngundabamlonyeni kubantu bakuleli ngezinto ezihlukene ebezikhonjiswa kulo.

Isiqephu sokugcina sizobe sethulwa wumethuli wezinhlelo uRelebogile Mabotja othe uvume ukuzoluphatha ngoba naye kukhona imibuzo eminingi anayo afuna ukuyibuza.

"Ngibathande kakhulu bonke ababe yingxenye yalolu hlelo kule sizini, ngakho ngivumele phezulu uma ngimenywa kuthiwa ake ngize ngizobamba isiqephu sokugcina. Uhlelo futhi nami lolu engiluthande kakhulu ngilubuka ngoba kukhona isifundo kulo. Sengikulungele ukuluphatha  njengoba engingakwenzanga wukuthi ngisebenzise lokhu abantu abakushoyo ezinkundleni zokuxhumana kodwa ngibheke izinto ezihlukene esizokhuluma ngazo njengoba ababukeli bedinga izimpendulo ngazo," kusho uRelebogile.

Uthe izinto ezicasule abaningi ngalolu hlelo yizona afuna ukugxila kuzo njengoba zisuse ukukhuluma.

"Ngifuna ukwazi kulaba abazenzile ohlelweni ukuthi baze bazenze bekwenzenjani, ekugcineni singabantu konke esikwenzayo kuhle noma kubi kukhona umsuka osenze sakwenza. Ababukeli bangalindela izinto ezizobathusa njengoba kukhona abazobe beqala ukukuzwa okuzovela ngeSonto," kusho yena.

Akufisayo uthe wukuthi bonke abayingxenye yohlelo bahambe bexolelene njengoba injongo yohlelo olufana nalolu kuwukuthola isixazululo sakho konke abadlule kukhona.

Ababukeli unxuse ukuthi bangamgxeki uma kukhona imibuzo ayishiyile njengoba isikhathi kuyisona esibalawulayo uma beshutha izinhlelo ezifana nalezi.

"Ngithukile kakhulu, ababukeli bayagxeka uma kuza ezinhlelweni ezifana nalezi uma kukhona okusalile kanti konke sikwenza silawulwa yisikhathi," kusho yena.