NGUZITHA Kwinika weKaizer Chiefs ebanga ibhola noMonnapule Saleng we-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
Kaizer Chiefs (1) 4
Orbit College (0) 1
KUHAMBE ngokwezifiso zelinye lamabamba abaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze, ngesikhathi leli qembu laseNaturena, liqoqa amaphuzu agcwele koweBetway Premiership ngokunqoba kwi-Orbit College izolo ebusuku, e-FNB Stadium, eNasrec.
Ngaphambi komdlalo, uKaze utshele abakwaSuperSport ukuthi abakuzele enkundleni ukuzoqoqa amaphuzu amathathu ukuze bezohlala emjahweni wokubalwa namaqembu asesicongweni kwi-log.
Amakhosi anqobe lo mdlalo ngamagoli amabili kaMduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi nelikaFlavio Da Silva. Elezivakashi lokubika ekhaya lishaywe ngu-Ayanda Lukhele obesanda kungena.
Le wini ibeke iChiefs endaweni yesibili kwi-log lapho ibambene khona namaphuzu angu-22 neMamelodi Sundowns eqhwakele ngenxa yesibalo esiphezulu samagoli kuMakhosi.
“Yonke imidlalo imqoka kodwa uma uyiqembu elikhulu njengeChiefs kumele ubalwe namaqembu aphezulu kwi-log kungakhathalekile ukuthi mingaki imidlalo esidlaliwe,” kusho uKaze.
“Okubalulekile wukungasuki emhlane wamaqembu abalwa nadlalela ngasesicongweni. Sanelisekile ngabo bonke abadlali. Yize kukhona abangekho kodwa leli yithuba lalaba abangakujwayele ukuqala imidlalo njengoKwinika (Zitha), Velebayi (Asanele), Monyane (Thabiso) noCele (Thabo),” kusho uKaze.
Bobane abadlali abebeshintshiwe esikimini esiqale umdlalo weDurban City badlale kahle esiwombeni sokuqala, kugqame uVelebayi noMonyane okunguyena owakhe igoli lokuvula inkundla.
Nakuba iChiefs ibingeyona ingozi kwi-Orbit kulesi siwombe kodwa size sasongwa ezipholele, uBrendon Petersen, obevimbele iqembu lasekhaya obekusho ukuthi kayikho engozini.
Kwesibili (isiwombe) iChiefs ibuye ngokwakha amathuba kodwa lutho ukubhakuzisa inethi obekwenza abaxhumene nayo bahlale ngesinqe esisodwa belinde igoli elizobakhulula.
Kuze kwalunga ngomzuzu ka-61, ngelesibili losuku likaShabalala kulokhu akhelwa wu-Etiosa Ighodaro.
Ukuba buthuntu kweChiefs phambi kwamapli kucishe kwayilimaza ngesikhathi uLukhele eshaya igoli le-Orbit ngomzuzu ka-70, kwasiza ukuthi uVilakazi uzophinde ayibuyisele ebuhleni ngelinye igoli ngoka-72.
Emuva kwaleyo minyakazo, zithengane kwaze kwaba uDa Silva ushayela isipikili sokugcina ngomzuzu wokugcina.