ISITOBHA seKaizer Chiefs, uThabiso Monyane, sixwayisa ngobungozi bokubukela phansi i-Orbit College abazobhekana nayo emdlalweni weBetway Premiership namuhla ebusuku
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
I-KAIZER Chiefs kayinawo uphawini wokuzithambisa emidlalweni yeBetway Premiership elandelayo uma izimisele ngokuqinisa idolo abalandeli bayo ngokuthi ukuqala kwayo ngamawini amane elandelana bekungekhona ukuthi ucilo uzishaye endukwini.
Lokhu kushiwo ngumdlali omusha waleli qembu laseNaturena osanda kubuya ekulimaleni, uThabiso Monyane, ngesikhathi ekhuluma ngezinhlelo zomdlalo abazowudlala ne-Orbit College eFNB Stadium, eNasrec, ngo-7.30 ebusuku.
UMonyane utshele ithimba labezindaba leChiefs ukuthi ujabule kakhulu ngokudlula kwezinyanga ezinhlanu ebezimnyama kuyena kwazise ubehleli ekhaya ngenxa yokulimala.
Ukubuya ekulimaleni kwalo mdlali osanda kusayiniswa yiChiefs esuka ezimbangini zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates, ufuna kuqondane nokubuya komgqigqo leli qembu eliqale ngawo isizini ka-2025/2026.
“Njengoba sizoya ekhefini elide lemidlalo yeFifa, kusemqoka ukunqoba kwi-Orbit ukuze sizohlala endaweni ezokwenza abalandeli bethu banethezeke,” kusho uMonyane.
“Indlela esiqale ngayo ikhuphule ukuzethemba kubalandeli bethu kwaphinda kwaba sengathi siyaqhuzuka. Njengoba sisuka kwiwini yasekuhambeni kwiDurban City kubaluleke kakhulu ukuwina kwi-Orbit.
“Ngeke sibayele ngobuso ngoba sibuswa wukuthi bebedlala kusiphi isigaba ngesizini edlule kepha leli yithuba lokuqoqa amaphuzu amathathu azokwenza nabalandeli bakhumbule ukuthi siqale kanjani.
“Kuyinto eyaziwayo ukuthi i-Orbit igabe ngabadlali basezimpondweni abaseqophelweni eliphezulu ngakho-ke kusemqoka ukuwavula womabili ngaso sonke isikhathi amehlo kulo mdlalo."
Uqhube ngokuthi: “Ukuqala kwethu ngale ndlela esiqale ngayo bekungeyona inhlanhla kepha bekuyizinkomba zokuthi yini esingakwazi ukuyenza kumbe ukuyizuza siyiqembu.
“Sizoya ekhefini lemidlalo yeFifa emuva kowe-Orbit yingakho kusiphoqa ukuwaqoqa egcwele amaphuzu ukuze bezoqina idolo nabalandeli bethu kubuye nokuzethemba."
UMonyane ukuchaze njengesikhathi esimnyama empilweni yakhe ukuhlala izinyanga ezinhlanu engadlali ngenxa yokulimala.
“Ngiswele wona amaphiko okundiza ngikhombise injabulo kwazise bekunzima kulezi zinyanga ezedlule. Akuyona into elula ukubuka ozakwenu bezama bodwa kungekho lutho wena ongalwenza," kusho uMonyane.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla:
AmaZulu FC v Polokwane City (Princess Magogo Stadium, 7.30pm); Chippa United v Magesi FC (Buffalo City Stadium, 7.30pm); Kaizer Chiefs v Orbit College (FNB Stadium, 7.30pm); Sekhukhune United v Richards Bay FC (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)
Kusasa:
Durban City v Marumo Gallants (Chatsworth Stadium, 7.30pm); Lamontville Golden Arrows v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Stelllenbosch FC v Siwelele (Athlone Stadium, 7.30pm)