NGUMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs obuya ekulimleni uRushwin Dortley
Image: BACKPAGEPIX
ELINYE lamabamba kwiKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, lidalule usuku okulindeleke ukuba aqale ngalo ukuziqeqesha ngokugcwele neqembu uRushwin Dortley osekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili engadlali ngenxa yokuhlinzwa edolweni.
UBen Youssef utshele abezindaba ngempelasonto edlule eThekwini izindaba okufanele ukuba zizokwehla kahle kubalandeli beChiefs ezithinta ukululama komdlali owalimala eseyenze eyakhe indawo kwiBafana Bafana.
Ngaphandle kukaDortley (22), uBen Youssef, uveze nokuthi uGiven Msimango naye obelimele usevele uqalile ukuziqeqesha ngokugcwele.
Lo mqeqeshi okhulume nabezindaba ngesikhathi eqeda ukunqoba ngo 1-0 kwiDurban City eThekwini, unomdlalo onzima nomqoka ngoLwesibili ne-Orbit College ngaphansi kweBetway Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.
“UDortley uzoqala ukuziqeqesha nathi emasontweni amabili ezayo ngakho-ke singambala njengomdlali osebuyile eqenjini,” kusho uBen Youssef.
“Kuzosiqinisa kakhulu ukubuya kwakhe uma uzokuqondanisa nokuthi uGiven (Msimango) naye useqalile ukuziqeqesha nathi."
UDortley okuphele isizini edlule eselibuka nabalandeli ibhola ngenxa yokulimala okwamhlasela engakaqedi isikhathi esingakanani kwiChiefs, uyena yedwa kuleli qembu laseNaturena obebizelwa kwiBafana.
Wafika kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025 esuka kwiCape Town Spurs isadlala kwiMotsepe Foundation Championship.