UModiba ufuna iSundowns izephule ukugwema ukuguqa kwiPirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

U-AUBREY Modiba weMamelodi Sundowns emiswe kabi wuSipho Mbule we-Orlando Pirates emdlalweni we-MTN 8 muva nje

Image: BACKPAGEPIX

ISITOBHA seMamelodi Sundowns neBafana Bafana, u-Aubrey Modiba, sichaze ukubhekana ne-Orlando Pirates njengento ehlukile kubona uma ukuqhathanisa nokudlala namanye amaqembu asesigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.

ISundowns eqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-21 izokwamukela iPirates elele isithathu ngawu-18 kodwa esele kuyona ngemidlalo emibili koweBetway Premiership namuhla ngo-3.30 ntambama, eLoftus Versfeld, ePitoli.

Umlando, ifomu nezinkulumo zabalandeli konke kwenza le ndumezulu yomdlalo ibalwe neminye yengase icacise inyathuko ezothathwa yisicoco ekupheleni kwesizini.

Ngesikhathi uModiba ekhuluma nabezindaba esithangamini abenaso nabo ngoLwesine uvule isifuba ngezinkinga ezahlukene ezenza ukubhekana nePirates kuhluke kuneminye imidlalo.

“Kumasizini amathathu adlule iPirates isimise kabi kwiligi ngakho-ke siyazi ukuthi uma siyodlala nayo kasinawo uphawini wokulahla amaphuzu,” kusho uModiba.

“Ukudlala nePirates kusinika umfutho ongaphezulu ngoba sonke siyazi ukuthi sisuke sibhekene neqembu elihlale lisemhlane kithina. Lokho kukodwa kwenza nathi silikhuphule izinga ngaphandle kokukhunjuzwa.

“Okunye okwenza singakuvumeli ukushaywa yiPirates wukuthi siyazi ukuthi nasekhempini yeBafana ayikho enye indaba exoxwayo ngaphandle kokusiguqisa kwabo.

“Lokho kwenza singafisi ukushaywa yibona (Pirates) ngoba baze bameme nabanye uma sesikwiBafana ukuze basigcone kahle okugcina kungasemnandi,” kulandisa lo mdlali.

Lezi zinkunzi zaseMzansi zihlangana namuhla nje sezike zazwana amandla kule sizini emdlalweni owandulela owamanqamu we-MTN 8 osekungumlando ukuthi yaphela zibambene ngo 1-1 imilenze yomibili.

Ngokomlando iSundowns iyazenzela kwiPirates kweyeligi ikakhulukazi uma isekhaya kodwa lokhu akwenzi uModiba aye ngobuso.

“Asikwazi ukuzithambisa kulo mdlalo ngoba sibuswa yirekhodi ngoba osekudlulile akusabalwa. IPirates ingelinye lamaqembu asiqinise kakhulu isikwati. Ubufakazi yimidlalo ye-MTN 8 esisanda kuyidlala nabo.

“Bayiqembu eliqinile eligqishe ngabadlali beBafana ngakho-ke akukho okufanele sikwenze ngendlela ehlukile kunale esiyijwayele yokufaka umfutho ngokwedlulele. Sibhekene nePirates ehlale isemhlane wethu nesaziyo ukuthi ngeke sikuthole ukuphumula ekhempini yeBafana uma ingasehlula,” kusho uModiba.

 

Imidlalo yeBetway Premiership

Namuhla: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (3.30pm - Loftus Versfeld), Orbit College v Magesi (3.30pm, Olympia Park), Polokwane City v Richards Bay (6pm - Old Peter Mokaba Stadium), Chippa United v AmaZulu FC ( 8.15pm - Buffalo City Stadium).

Kusasa: TS Galaxy v Stellenbosch FC (3.30pm - Mbombela Stadium), Lamontville Golden Arrows v Marumo Gallants (King Zwelithini Stadium).