TERRENCE MASHEGO
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UMDLALI weMamelodi Sundowns obolekiswe kwiDurban City, uTerrence Mashego, wethembise ukungabucasheli ubuholi emdlalweni weBetway Premiership abazowudlala neKaizer Chiefs ngoba uyabuqonda ubumqoka babadlali abanesipiliyoni esifana nesakhe kwefuze owanamuhla ngo-7.30 ebusuku eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.
UMashego oyibamba emuva ngakwesokunxele, ujoyine amaCitizens njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali kulandela isikhathi eside eqiwa yijezi kwiSundowns.
Lo mdlali owake wabizelwa kwiBafana Bafana kaHugo Broos, ubehlushwa wukulimala kwiSundowns kodwa kwiCity ephekwa nguGavin Hunt usephenduke esinye sezithenjwa kwazise useyidlale cishe yonke imidlalo kusukela efikile ngoJanuwari.
UMashego uthe uyawuqonda umsebenzi omhlalele njengoba bezobhekana neChiefs.
“Kuleli sonto besingamdingi umqeqeshi ngoba ukubhekana namaqembu athathwa njengamakhulu kwenza nawe ube nesifiso sokuziveza phambi kwezinkulungwane zabantu,” kusho uMashego.
“Ngenhlanhla iqembu ligqishe ngabadlali abazaziyo izimo ezifuze lezi ngakho-ke kuwumsebenzi wethu thina esinesipiliyoni ukubabamba ngasandla abadlali abasebancane.
“Okuhle ukuthi leli joka kalibhekene nami ngedwa kwazise kukhona abadlali abafana noThabo (Nodada), Darren (Keet) noHashim (Domingo) ababazi bonke ubunzima bokubhekana neqembu elithathwa njengelikhulu.
“Siyakwazi okufanele sikwenze kodwa futhi siyaqonda ukuthi saphumelela ukugwema ukungenelwa yigoli isikhathi eside, abalandeli beChiefs bazonengeka okuzoba yithuba lethu lokungena senze umonakalo.
“Imiphumela emibili esisuka kuyona yenza singabe sisakwazi ukulinda lo mdlalo ngoba kasingabazi ukuthi kuwona sinalo ithuba lokubuyisela iqembu emgqigqweni ebeliqale ngawo isizini."
IChiefs izofika eThekwini ishayela phezulu kulandela ukuzibekisela indawo emidlalweni yamaqoqo yeCaf Confederation Cup ngokunqoba ngo 3-1 kwi-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngeledlule.