UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou osebheke amaphuzu emdlalweni weBetway Premiership neMamelodi Sundowns
Image: BACKPAGEPIX
UKUBA buthuntu kwe-Orlando Pirates okuyihlasele phambi kwamapali akuyona into ezoqedela umqeqeshi wayo, u-Abdeslam Ouaddou, ubuthongo ngaphambi kokubhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eLoftus Versfeld, ePitoli.
Ubekhuluma emuva kokunqoba kweZimnyama ngo 2-0 kwiMagesi FC emdlalweni we-quarterfinal yeCarling Knockout ngoLwesibili e-Orlando Stadium, eSoweto.
Nakuba imiphumela yePirates incomeka kuyona yonke imiqhudelwano ngaphandle kweCaf Champions League ekhishwe kuyona kumaphenathi yiSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kodwa isibalo samagoli sincane kunesamathuba ewakhayo.
U-Ouaddou akazange akuphike ukuthi kukhona inkinga ekhona exhumene nokuba buthuntu kwabadlali bakhe phambi kwamapali kodwa lokhu akuyona into ezomqwashisa ebusuku.
“Kasithukile ngokuphikwa amagoli kodwa sonke siyazi ukuthi asinawo uphawini wokuqhubeka ngale ndlela uma sizimisele ngokubanga namaqembu eqophelo eliphezulu njengeSundowns,” kusho u-Ouaddou .
“Akuyona into okufanele isithuse kodwa njengomqeqeshi ngibona kungcono ukuthi ngibaqwashise kusemanje abadlali ngoba izibalo zamagoli zenza umehluko omkhulu kwiligi.
“Kufanele kugxile ezingqondweni zabadlali ukuthi kasizele ukuzosinisa amahleza emidlalweni, ngakho-ke wonke amathuba esiwatholayo kufanele siwaqobele enethini."
Lo mqeqeshi usale enganeme ngokuyeka ukuyozama amanye amagoli kwabadlali bakhe ngesikhathi sebehamba phambili ngo 2-0 koweMagesi. Kulo mdlalo, abadlali bePirates bebephaselana esiswini, bengasazihluphi ngokuya phambili ngaphambi kokuthi iMagesi ishaye igoli lokubika.
U-Ouaddou uthe akaxabene nomjiko waseMzansi kodwa kufanele uye phambili.
“Ngiliqonda kahle ibhola laseNingizimu Afrika futhi luphelele ulwazi lwami ngokuthi yini ethandwa ngabalandeli. Umjiko muhle sonke siyawuthanda kodwa kawusho lutho uma usihlehlisa nyova kumbe usigidisa ndawonye. Bayazi abadlali bami ukuthi bavumelekile ukulihlikihla kodwa lokhu akugcine ngokuthi sifake ibhola enethini ngoba iqiniso wukuthi amagoli yiwona abantu abasuke bewazele emidlalweni,” usho kanje.
U-Ouaddou uqinisekisile ukuthi njengoba bengasekho kwiChampions League sebezofaka wonke amandla kule miqhudelwano abasasele kuyona.
“Kubuhlungu ukuphuma kwiChampions League ngendlela okwenzeke ngayo kodwa sikuthatha ngokuthi bekungesinye sezifundo. Okusisalele wukuthi sikhiphele isibhongo seChampions League kuwona wonke amaqembu esizobhekana nawo,” kusho u-Ouaddou.
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.