UMGADLI weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, ubalwa nabadlali leli qembu elizothembela kubona uma selibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, kusasa ntambama
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UYIBUKA ngeso elijulile indaba yokuphuma ekuseni kwe-Orlando Pirates kwiCaf Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ngaphambi kokuthi la maqembu ayizimbangi abhekane kwindumezulu yomdlalo weBetway Premiership kusasa ngo-3.30 ntambama, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns isisele yodwa kwiChampions League kwabethunywe yiPremier Soccer League (PSL) kulo mqhudelwano kulandela ukuphuma kwePirates esigabeni sokugcina semidlalo yokuhlungela eyamaqoqo.
Nakuba iSundowns izenzela kwiligi yaseNingizimu Afrika kodwa kuyaziwa ukuthi kule minyaka edlule, iPirates iyona ekhombisa izimpawu zokuthi ingayigudluza esicongweni.
Kule sizini iPirates ingene yagxila emakethe yabadlali ngenhloso yokwenza kangcono kwiChampions League lapho iphelele khona kweyandulela eyamanqamu ngesizini edlule.
Njengoba la maqembu ezobhekana kusasa, kuningi okuzocaca njengokuthi lingakanani igebe phakathi kwawo kwazise iPirates igcine ikhiphe iSundowns kowandulela owamanqamu kwiMTN8 ezinyangeni ezedlule.
UCardoso uvumile kwabezindaba ukuthi iPirates iyona ayibona njengezimbangi zeSundowns, waveza okujulile ngokuwashiswa ijezi ekuseni kwePirates kwiChampions League.
“Kangikholwa ukuthi ukuphuma ekuseni kwePirates kwiChampions League kuzoba nomthelela otheni kwi-PSL kumbe kubumbangi babadlali kwazise abanye babo bangabangani kodwa akufanele sikhohlwe wukuthi ngo-2029 kuza iFifa Club World Cup,” kusho uCardoso izolo, eChloorkop.
“Akufihliwe ukuthi iPirates iyona izimbangi zethu emiqhudelwaneni efana naleyo. Ukungabibikho kwayo kweyamaqoqo eChampions League kusinika ithuba lokuqoqa inqwaba yamaphuzu azosisondeza nokubuyela kwiClub World Cup.
“Ngalokhu kangisho ukuthi sesiyizitha nePirates kodwa siyaqonda ukuthi uma kukhona iqembu elingasibangisa ezintweni esizifisayo iyona. Umdlalo wethu nabo uhlale useqophelweni eliphezulu ngakho-ke nakulokhu silindele okufanayo,” kusho uCardoso.
ISundowns ezodlala ngaphandle kukaTeboho Mokoena, ihlezi esicongweni se-log yePremiership ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-10. EZimnyama ezikweyesithathu ngawu-18 emidlalweni eyisishiyagalolunye, zidinga ukunqoba ukuze zizofica amaBrazilians aseyenze eyawo iligi yaseMzansi. ISundowns izothembela kubadlali okubalwa kubona uNuno Santos, Peter Shalulile no-Iqraam Rayners ukuthi bayishayele amagoli. Ezase-Orlando zizothembela ku-Oswin Appollis, Tshepang Moremi no-Evidence Makgopa.