Iseluleko soweDurban City ngamathuba eBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weDurban City uGavin Hunt nezeluleko ngokungena kwiBafana Bafana

Image: BACKPAGEPIX

Kufanele kubakhuthaze abadlali baseNingizimu Afrika ukuthi kukhona (abadlali) othi noma ucabanga ugcine ungaqondanga ukuthi bangene kanjani kwiBafana Bafana.

Lona wumbono kaGavin Hunt oqeqesha iDurban City athe ukhuthaza ngawo abadlali bakhe nsukuzonke.

Ngokusho kwakhe kuningi okusazoshintsha ngesikwati seBafana njengoba isamelwe yi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco ngaphambi kokuthi umqeqeshi wayo, uHugo Broos, acabange ngokubumba isikwati azoya ngaso kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

“Kukhona othi noma ubabuka uzibuze ukuthi lo ungene kanjani kulesi sikwati? Lokhu kufanele kubakhuthaze bonke abanye abadlali ngoba ziningi izinguquko ezisazokwenzeka esikwatini kuskela ekulimaleni kuya kwifomu,” kusho uHunt.

UHunt unxenxe abathandi bakanobhutshuzwayo baseThekwini nezindawo ezilakhele ukuba baphume ngobuningi babo ukuzokweseka amaCitizens azobhekena neKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.