KULIWE kaningi emdlalweni weCaf Champions League phakathi kwe-Orlando Pirates yaseNingizimu Afrika neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC)
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uphoxwe yimigilingwane yabadlali beSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngaphezulu kokuthi iqembu lakhe liwashe ijezi esigabeni sokugcina ngaphambi kwemidlalo yamaqoqo yeCaf Champions League.
Lokhu kuphume emlonyeni wakhe lo mqeqeshi owake wasebenza e-DRC, lapho ayepheka khona i-AS Vita Club.
Nakuba iPirates idlale ingcwenga yebhola, yawashaya namagoli amathathu ebilandela ngemuva ngawo kwiLupopo kodwa kugcine kuyiyona ehlulekile esihibeni sokugcina sokuzifaka emidlalweni yamaqoqo yeChampaions League.
IPirates inqobe ngo 3-0 wamagoli kaMasindi Nemtajela, Yanela Mbuthuma no-Oswin Appollis kodwa yaguqa ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo e-Orlando Stadium, eSoweto.
Emuva komdlalo, u-Ouaddou utshele abezindaba ukuthi uzishaya isifuba ngobuqhawe obukhonjiswe ngabadlali bakhe kodwa wafunga wagomela ukuthi akasoze apheka iqembu elisebenzisa "amaqhinga angalungile" abesetshenziswa yiLupopo.
“Ngizishaya isifuba ngabadlali bami ngokumelana nobunzima abebebhekene nabo kulo mdlalo kuyona yomibili imilenze,” kusho u-Ouaddou esithangamini nabezindaba.
“Ngebhadi kusenamaqembu angakabuqondi ubumqoka bokusebenzisa unobhutshuzwayo ukwakha ubudlelwano. Angisoze ngaqeqesha abadlali bami ukuthi bagile imikhuba ebigilwa yiLupopo.
“Uma bengaziwisi bamosha isikhathi kumbe balwisa abadlali bePirates. Ngisale ngiphoxekile njengomuntu wase-Afrika ngokuthi ibhola lethu lidweba siphi isithombe ezinganeni ezifisa ukudlala esigabeni esikhokhelayo.
“Kumele sibabongele ngokudlulela phambili nangokuthi amaqhinga abo ayasebenza."
Ngesikhathi kuphela umdlalo, u-Ouaddou ugijime waya kuMbuthuma ongomunye wabageje amaphenathi okukhiphe leli qembu kwiChampions League elifike kowandulela owamanqamu wayo ngesizini edlule.
“Ngaphandle kwegoli likaMbuthuma besingeke sifike ngisho kwakuwona amaphenathi. Ngimkhumbuze lokho emuva komdlalo ngamkhulula nokuthi angazisoli ngokwenzekile ngoba kuyingxenye yomdlalo,” kusho u-Ouaddou.
Izinkulumo zika-Ouaddou zikhombise ukuthi elinye iso lakhe belisemdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout abazowudlala neMagesi FC kusasa ngo-7 ebusuku e-Orlando Stadium.
“Ukungabonakali kukaThalente (Mbatha) no-Evidence (Makgopa) bekuncike ekutheni izitha zethu ziza nani nokuthi elinye iso silibeke emiqhudelwaneni eminingi esiyingxenye yayo,” kusho u-Ouaddou.