IChiefs ikhiphe ishobolo idlulela kweyamaqoqo kwiCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs, u-Etiosa Ighodaro, ejabulela igoli lakhe nozakwabo uGlody Lilepo noMduduzi Shabalala ngesikhathi leli qembu libhekene ne-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) eDobsonville Stadium, eSoweto, izolo ntambama

Image: BACKPAGEPIX

Kaizer Chiefs (3) 3

AS Simba (0) 1

I-KAIZER Chiefs yelaphe izinhliziyo zabalandeli ngesikhathi iqhulula amagoli emdlalweni womlenze wesibili wesigaba sokugcina sokuhlungela esamaqoqo kwiCaf Confederation Cup kwi-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) izolo ntambama, eDobsonville Stadium, eSoweto.

Umdlalo uthe uya ekhefini iChiefs ibisiyibhakuzise amahlandla amathathu inethi ngo-Etiosa Ighodaro, Glody Lilepo noZitha Kwinika.

Ngaphandle kwamagoli, akukho okutheni obekwenziwa yiChiefs egcine idlulela phambili kwazise kowomlenze wokuqala yadlala ngokulingana kuba ngu 0-0 ekuhambeni.

Akazange abuye esiwombeni sesibili uLilepo, indawo yakhe yathathwa nguPule Mmodi kanti kusona kubonakale u-Asanele Velebayi noLebohang Maboe okokuqala bedlubhe umfaniswano weChiefs.

Kusona lesi siwombe, iChiefs ivumele ukuthi iSimba ishaye igoli lokubika okube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Aden McCarthy.

Bekuqala kule sizini ukuthi iChiefs ishaye amagoli angaphezulu kwamabili emdlalweni ngokwahlukana kwemiqhudelwano.

Ngaphambi komdlalo, umqeqeshi uCedric Kaze obambe umsebenzi ebhentshini leChiefs, ushilo ukuthi maningi amathuba okuthi baliqede ngeSimba ibhadi lokuphikwa amagoli.

“Kuyona yonke imidlalo siya ngethemba lokuthi siyoqeda leli bhadi elisilandele ngakho-ke nakwiSimba akukho okuhlukile,” kusho uKaze.

Akuyona yodwa iChiefs eyimele kahle iNingizimu Afrika emidlalweni yase-Afrika kule mpelasonto.

IStellenbosch FC izifake kweyamaqoqo yeConfederation Cup ngokunqoba ngo 4-1 kwi-15 de Agusto yase-Equatorial Guinea izolo, e-Athlone Stadium, eKapa.

Amagoli eStellies eyabambana neDe Agosto ngo 0-0 ekuhambeni ngeledlule, ashaywe nguThato Khiba, Sanele Barns, Andre de Jong noChumani Butsaka.

KwiCaf Champions League, iMamelodi Sundowns yenze obekulindelekile ngesikhathi inqoba ngo 2-0 kwiRemo Stars yaseNigeria izolo, ntambama eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. ISundowns eyanqoba ngembudlu ka 5-1 kowomlenze wokuqala eNigeria, ngeledlule, iwine ngamagoli kaPeter Shalulile noNuno Santos.