UBarker uvule isifuba ngokudonsa kanzima kweStellies

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, ongathukile ngendlela iqembu lakhe eliqale ngayo isizini

Image: BACKPAGEPIX

UKUQALA ngebatha kweStellenbosch FC kule sizini, kuxhumene nempumelelo ebingalindelekile  eliyithole kumasizini adlule, kusukela lifike esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.

Lona wumbono kaSteve Barker oyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu awuveze ngesikhathi ekhuluma nethimba lalo lezindaba kulandela ukuqala kwalo isizini ngemiphumela ebingalindelekile kulona.

Kusukela kuqaliwe, iStellies isawine umdlalo emibili yeligi yadlala ngokulingana kweminye emihlanu, yakhala ngaphansi kwemithathu.

Kwethusile lokhu uma ukuqhathanisa nesithunzi seStellies ezakhele sona kumasizini adlule idla isicoco seCarling, ifinyelela emidlalweni yamanqamu kweminye imiqhudelwano. 

NgokukaBarker ofake iStellies kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup ngesizini yayo yokuqala kulo mqhudelwano, kasikho isidingo sokuxhamazela ngoba imiphumela yakamuva ikhomba ukuthi kukhona okuhlanganayo.

NgoLwesithathu, iStellies yehlule iLamontville Golden Arrows ngo 4-3 emdlalweni weBetway Premiership, yanyukela endaweni ka-13 kwi-log isuka kweka-15.

“Kujwayelekile ukuthi impumelelo izale izingqinamba ikakhulu kunobhutshuzwayo uma uyiqembu elingakholelwa ekumeni endleleni yabadlali,” kusho uBarker.

“Indlela esiqhuba ngayo kwiStellies ibuye ibe yinkinga kithina ngoba kuhlale kulindelekile ukuthi kubekhona izinsika ezisishiyayo njalo uma kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

“Kungenxa yalokhu (ukudayisa) nempumelelo yamasizini adlule njengoba izinto ziqale kabi kulokhu kodwa asitatazeli ngoba siyazi ukuthi zizojika."

Ngaphambi kowe-Arrows, iStellies idlale imidlalo emine ingangenelwa yigoli ngokwahlukana kwemiqhudelwano. Lokhu kuyamkhuthaza uBarker obalwayo kwabangase baqashwe esikhundleni sokuqeqesha iKaizer Chiefs esanda kuhlukana noNasreddine Nabi. 

Emidlalweni iStellies engadedelanga magoli kuyona, kukhona oweChiefs abayikhiphe kwiCarling Knockout bengasaphelele, nophele ngo 0-0 bebhekene ne-FC 15 de Agosto de Akonibe yase-Equatorial Guinea kowomlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela imidlalo yamaqoqo yeCaf Confederation Cup.

IStellies izobhekana naleli qembu lase-Equatorial Guinea kowomlenze wesibili e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Siqale kabi kodwa kancane kancane siyabuyela esimweni esisijwayele. Nalokhu engikwazi ebusweni kubadlali bami sengiyaqala ngiyakubona,” kusho uBarker.