KUNGASE kube semahlombe kaMfundo Vilakazi ukuthi iKaizer Chiefs iyawuthola noma cha umphumela ewudinga emdlalweni weCaf Confederation Cup ne-AS Simba yaseDRC
Image: BACKPAGEPIX
ESIKHUNDLENI sokubhiyozela ukusondela ekubeni yingxenye yemidlalo yamaqoqo yeCaf okokuqala eminyakeni emine, iKaizer Chiefs ipheka iyathulula ngokuthi yibaphi abagadli abazoqala umdlalo ngoba lokhu ngeke kwenzeke uma sizoqhubeka isifo esihlasele kuleli qembu laseNaturena.
Amakhosi agcina ukuba yingxenye yemidlalo yamaqoqo emidlalweni yase-Afrika ngo-2021 ngesikhathi eshaywa yi-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu weChampions League, asethubeni lokuzibuyisela kule midlalo ngeConfederation Cup.
IChiefs izokwamukela i-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni womlenze wesibili wokuhlungela eyamaqoqo kwiConfed Cup ngeSonto ngo-3 ntambama, eDobsonville Stadium, eSoweto.
Kowomlenze wokuqala iChiefs neSimba babambana ngo 0-0 emdlalweni owawuseLubumbashi ngempelasonto edlule.
Kufanele ngabe abalandeli beChiefs balindele ukuthi iqembu labo libabusise kodwa kunovalo oludalwa yisifo sokugqoza kwamagoli esihlasele leli qembu kusukela ngasekupheleni kwesizini edlule.
Kulukhuni satshe kwiChiefs ukushaya amagoli okufakazelwa wukuthi emidlalweni yeligi isaphumelele ukushaya ayisishiyagalombili emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Siyethusa lesi sibalo uma uzosiqhathanisa nesamaqembu aphezulu amahlanu, okuhlanganisa nayo iChiefs.
IMamelodi Sundowns eqhwakele isishaye angu-17, iSekhukhune United (13) kanti ne-Orlando Pirates isishaye angu-13. IChiefs ihlulwa ngisho yiDurban City ngamagoli ekubeni leli qembu laseThekwini lingaphansi kwayo kwi-log.
Yize kuthembisile maphakathi nesonto kubonakala ua-Etiosa Ighodaro kwiligi kodwa kwiCaf kwakuthiwe uzoze aqale ukubonakala kweyamaqoqo kwazise wafika usuvaliwe uphawini.
Emdlalweni womlenze wesibili uzobe engekho uKhanyisa Mayo kulandela ukuthunukala kwakhe emdlalweni waphakathi nesonto neSiwelele FC. Lokhu kuwashiya ko-Ashley du Preez noWandile Duba amathemba eChiefs okudlulela kweyamaqoqo.
“Akukho okubi esikwenzayo kumbe engingasola ngakho abadlali ngaphandle kwebhadi lokunqaba kwebhola ukungena enethini,” kusho uCedric Kaze oyibamba lomqeqeshi kwiChiefs emuva komdlalo weSiwelele.
“Uma isimo sinje akukho okuhlukile ongakwenza ngaphandle kokuqhubeka nokukhuthaza abadlali ngokuthatha izinqumo ezingcono uma sebesebhokisini.
“Siyawakha amathuba futhi kasidedeli lutho ngakithi, ngakho-ke angikhali kakhulu ngokugqoza kwamagoli futhi ngihlalele ethembeni lokuthi inhlanhla yethu izojika ngomdlalo neSimba,” kusho uKaze.