UTHEMBA 'Mshishi' Zwane weMamelodi Sundowns okuvele ukuthi sekuseduze ukuthi abuyele enkundleni kulandela ukulimala emasontweni adlule
Image: BACKPAGEPIX
UKUSEBENZA kusakhanya kweMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela eyamaqoqo kwiCaf Champions League kufanele ukuba kukudambisile ukuduma kwekhanda kumqeqeqshi uMiguel Cardoso olungisela ukwamukela iRemo Stars yaseNigeria, ngeSonto ngo-3 ntambama, eLoftus Vesrfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns esazikhotha amanxeba kulandela ukuqhuzuka kwayo kowamanqamu weChampions League ngesizini edlule, izenzele umsebenzi waba lula ngokunqoba ngo 5-1 kwiRemo emdlalweni obuseNigeria, ngeledlule.
Lo mphumela ubeke iSundowns ethubeni lokungena kweyamaqoqo okwehlandla lika-11 alo mqhudelwano eyawudla ngo-2016.
UCardoso obekhuluma nabezindaba ekomkhulu leSundowns, eChloorkop, izolo, emini uthe kunabadlali abamqoka abalimele kodwa lokhu akusho ukuthi kuzophazamiseka izinhlelo zabo zomlenze wesibili.
”Kunezinkinga ezikhona ekhempini ngokuthinteka kwabadlali kodwa futhi kukhona ebesicabanga ukuthi kubi kakhulu kubona kodwa sesitholile ukuthi akunjalo,” kusho uCardoso.
“Ngeledlule uMothobi (Mvala) uhlinziwe okwenza sizace emuva kodwa futhi okubi wukuthi silinyalelwe nguMalibongwe (Khoza) kowomlenze wokuqala eNigeria.
“U-Iqraam (Rayners) ongomunye wabadlali bethu abamqoka, uqale ukuziqeqesha namuhla (ngoLwesine). Indaba yakhe kayikho bucayi njengekaMvala kodwa ukungabibikho kwakhe kuyasilimaza.
“Bakhona nabanye abadlali njengoZuko (Mdunyelwa) abebenokuthinteka kodwa yizinto ezincane. Besinovalo kuKhoza kodwa akubanga kukhulu ngale ndlela ebesicabanga ngayo.
“Omunye umdlali esimqaphe ngelokhozi nguThemba (Zwane) esaziyo sonke ukuthi akekho mqoka kwiSundowns kuphela kepha naseqenjini lesizwe, kubhekiwe ukuthi uzolulama nini.
“Konke kuhamba kahle ngoZwane kodwa esingeke sikwenze ukumjaha. Uma senza lokho sizobe sivula uphawuni wokuthi kuphinde kwenzeke okusanda kwenzeka (ephinde elimala kade esanda kubuya emuva kwesikhathi eside engabonakali)."
Mayelana nomdlalo uCardoso uthe: “Inhlonipho esinayo ngeChampions League iyasiphoqa ukuthi siqhubeke lapho sigcine khona ngokuqiniseisa ukuthi siwuqedela ekhaya umsebenzi esiwuqale eNigeria.”