ISIWELELE FC izame konke ukuphuca iKaizer Chiefs amaphuzu ngisho isikhindi sikaGlody Lilepo
Image: BACKPAGEPIX
Kaizer Chiefs (0) 0
Siwelele FC (0) 0
BASALE bechaya izandla abalandeli beKaizer Chiefs ngesikhathi igingqa iqanda emdlalweni weBetway Premiership ewudlale neSiwelele FC izolo ebusuku, e-FNB Stadium, eNasrec.
IChiefs ibuyele kwiligi ngokwamukela iSiwelele efike emdlalweni zingayihambeli kahle izinto kwazise ibingakaze iwine kumbe ishaye igoli emdlalweni wasekuhambeni weligi kusukela kuqale isizini.
Nakuba iChiefs iqale umdlalo ngesikimu ebesingalindelekile kwazise u-Etiosa Ighodaro noMfundo Vilakazi bawuqalile kodwa zize zaya ekhefini lingekho ebeselibone ngalapho ebekuxhunyekwe ngakhona amapali.
Isiwombe sesibili siqale ngokucacisa kweChiefs ukuthi idlalela ekhaya, ifaka umfutho ongcono kunowangesokuqala. Okunye okukhuphule kwiChiefs, wukungena kukaGlody Lilepo ngesikhathi zibuya ekhefini.
Yize iChiefs ibisikhombisa izimpawu zokudlondlobala kodwa ingozi yokuklayeka emuva ibilokhu ikhona kwazise neSiwelele ibilokhu iyikhombisa ngeminyakazo ebishiya abeqembu lasekhaya bethwele izandla ekhanda.
U-Ighodaro, Vilakazi noSibongiseni Mthethwa bakhishiwe izindawo zabo zathathwa nguKhanyisa Mayo, Sibusiso Ndlovu noGaston Sirino abangene neminyakazo kodwa nabo babuye bacwila.
UMayo akawuqedanga umdlalo kulandela ukulimala okuphoqe iChiefs ukuthi iyidlale ingaphelele imizuzu yokugcina emihlanu.
IChiefs idlala ngomsebenzi nje, i-Orlando Pirates yehlise igwebu ngokushaya iPolokwane City ngo 1-0 kowayo obuse-Orlando Stadium, ngesikhathi esifanayo.
IPirates iqale owePolokwane iqonda ukuthi kumele izivivinye ngayo njengoba imelwe wukuguqula umphumela onzima kwiCaf Champions League.
Igoli lePirates elingagcinanga ngokuyibuyisa ithemba koweSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic of Congo (DRC) kodwa eliyisondeze esicongweni kwi-log, lishaywe nguTshepang Moremi ngomzuzu wesithupha.