U-PERCY Tau osenesikhathi engabonakali kwiBafana Bafana angase asale koweNdebe yoMhlaba yize esuka naye phansi uHugo Broos
Image: BACKPAGEPIX
IZINYANGA eziyisishiyagalombili ezisele ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba yaseMexico, Canada nase-United States of America (USA), zingezokugcina ukuthi bawakhuphule kakhulu amasokisi abadlali akade beyingxenye yeBafana Bafana kodwa basala endleleni ngenxa yokwahlukana kwezizathu.
Ngaphandle kokulimala okuhlasele ngesikhathi esisodwa uThemba Zwane, Mothobi Mvala noGrant Kekana beMamelodi Sundowns, kukhona abadlali abazitshwa nguBroos ngezizathu ezaziwa nguyena okubalwa kubona uPercy Tau, Mihlali Mayambela noBongokuhle Hlongwane.
Bonke laba badlali basuke naye phansi uBroos kusukela efika kuleli ngo-2021, kodwa sekunesikhathi ebaziba uma ehlanganisa izikwati zakhe okwenza amfimfe amathuba abo okungena endizeni ebheke kweyoMhlaba.
Njengoba isaqhubeka imibhiyozo yokuzibekisela kweBafana indawo kwiNdebe yoMhlaba, abanye balaba badlali kubukeka bezoyikhomba indiza ebheke ‘ezweni lesethembiso’ ngoJulayi.
Nakuba uZwane ekhona kulolu luhla kodwa indaba yakhe ibukeka izoshintsha uma engabuyela enkundleni kusenesikhathi. Zinhle ezokubuya kukaZwane kodwa njengoba uSipho Mbule ekhombisa izimpawu zokulibamba ngazo zombili ithuba, maningi amathuba okuthi ayikhombe indiza uPatrick “Tito” Maswanganyi.
NakuKekana lisekhona ithuba yize kungacaci kuMvala osanda kulimala ekubeni elokhu edlondlobale njalo uMbekezeli Mbokazi.
Abadlali abasuka neBafana phansi njengoSiyanda Xulu, Mayambela noTau mancane amathuba okuthi bahambe noBroos eMelika ngonyaka ozayo uma lo mqeqeshi waseBelgium, ezoqhubeka nokubaziba njengoba esenezinyanga enza.
UTau usanda kusayina eqenjini laseVietnam okungenye yezizathu ezinika uBroos amandla okumziba lo mdlali owake waba wukaputeni weBafana ngesikhathi esadlalela i-Al Ahly yase-Egypt.
KuHlongwane nakhona akucaci yize ewaqhulula amagoli eqenjini lakhe lase-USA, iMinnesota United. Kufanele ukuba kumkhuthazile nokho ukubizwa kwesakamuva isikwati yize ekhale ngaphandle ngesikhathi sesinqanyulwa.
Lisekhona ithuba lokuzifaka enhliziyweni kaBroos kubadlali abancane njengoJayden Adams, Monnapule Saleng noFawaaz Basadien kwazise kusewukuhlala ebhentshini emaqenjini abo okwenza basale kwiBafana. Kuyaziwa ukuthi uBroos akayingeni eyabadlali abangadlali emaqenjini abo.
Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, uBroos usazokhetha isikwati azoya ngaso kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco, ngoDisemba.