Isikhathaza abaqeqeshi eyokugqoza kwamagoli kwiChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI waseNigeria, u-Etiosa Ighodaro, okulindeleke ukuthi akhiphe iKaizer Chiefs enkingeni yokugqoza kwamagoli ekhathaza abaqeqeshi

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

IZIDUBULO zaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kwiCaf Confederation Cup zibe nomthelela ekutheni iKaizer Chiefs iqhubeke nesifo sokulahla amaphuzu ibambana neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu, e-FNB Stadium, eNasrec.

Lawa ngamazwi asakucasha ngesithupha ashiwo nguCedric Kaze obebambe yedwa ngesikhathi iChiefs iqhubeka nokuhluleka ukufaka ibhola enethini njengoba umdlalo uphele kungu 0-0.

Ubuthuntu beChiefs phambi kwamapali yibona futhi obuholele ekutheni idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-AS Simba yaseDRC emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sesibili sokuhlungela eyamaqoqo eConfederation Cup ngeledlule.

Amakhosi amelwe wukuwuqedela ekhaya umsebenzi ngeSonto ngo-3 ntambama, lapho ezokwamukela khona iSimba kowomlenze wesibili eDobsonville Stadium, eSoweto.

IChiefs idlale neSiwelele ingasaphelele imizuzu yokugcina engu-10 kwazise uKhanyisa Mayo, obesanda kungena ulimale umsipha kanti leli qembu laseNaturena beseliwuqedile uphawini wokushintsha abadlali.

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, uKaze uthe kuningi ukugula ababuye nakho e-DRC okuhlanganisa nokulimala kukaMayo.

“Wonke amaqembu anezinkinga zawo. Eyethu wukuba buthuntu phambi kwamapali kodwa akukubi konke ngoba kukhona okuhle njengokuthi asiwadedeli ukuthi angene ngakithi,” kusho uKaze.

“Esingafuni ukukwenza wukuvumela amaqembu angaphezu kwethu ukuthi avule igebe. Sizoqhubeka nokusebenzisa abadlali abaningi abahlukene ngenhloso yokuqeda lesi sihlava.

“Sizosheshe siwudlulise umphumela weSiwelele ngoba siwudlale sinezinkinga eziningi esibuye nazo e-DRC. Ngisho ukulimala kukaMayo kuqale khona e-DRC."

Ngaphandle kokuba buthuntu kwabagadli beChiefs, irekhodi layo ekhaya lilahlisa ngethemba kwazise emidlalweni eyisikhombisa isawine emibili, yashaywa kowodwa, yadlala ngokulingana eminye emine.

Kubalulekile ukuthi liqonde leli rekhodi lasekhaya uma iChiefs izimisele ngokungena emidlalweni yamaqoqo eConfederation Cup ngokunqoba kwiSimba kowomlenze wesibili kusasa ngo 3 ntambama, e-FNB Stadium.

“Indaba yokugqoza kwamagoli kayisihleli kahle kodwa kuningi okuhle okwenzekayo ngaphakathi njengokululama ngokugcwele kwabadlali ebesingakakwazi ukubasebenzisa,” kusho uKaze.

Lo mqeqeshi ukusho lokhu nje, u-Asanele Velebayi noLebohang Maboe bebesebhentshini koweSiwelele kanti uqalwe ngu-Etiosa Ighodaro oneqala ukudlalela iChiefs noMvundo Vilakazi ojwayele ukuqala ebhentshini.