UKaze ushwelezela uDu Preez kubalandeli beChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez, ocelelwe uxolo kubalandeli ngomunye wabaqeqeshi, uCedric Kaze

Image: BACKPAGEPIX

KUFONGQWE isigqoko kubalandeli beKaizer Chiefs ngokubaluleka kokubamba ngesandla umgadli waleli qembu, u-Ashley du Preez, kulandela ukushaya kwakhe ibhola phezu kwamapali engasekho unozinti ngempelasonto edlule eDemocratic Republic of Congo (DRC).

UDu Preez usematheni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukugeja kwakhe igoli ebelibukeka lilula ngesikhathi iCheifs ibambana ngo 0-0 ne-AS Simba yaseDRC, kowomlenze wokuqala weyokuhlungeela imidlalo yamaqoqo kwiCaf Confederation Cup.

Izolo, iChiefs ibimeme abezindaba lapho ibizokwenaba khona ngamalungiselelo omdlalo weBetway Premiership ezowudlala neSiwelele FC kusasa ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.

UKaze obambe umsebenzi noKhalil Ben Youssef, ubatshele ukuthi kulezi zinsuku bagxile ekuqiniseni uDu Preez idolo ngokuthi usewumdlali wohlobo oluphambili.

“Ngenxa yokwenzekile nokulandele ezinkundleni zokuxhumana, umoya kaDu Preez uphansi kwazise uyazisola ngephutha lakhe kodwa kithina kuhlukile ngoba siyaqonda ukuthi akenzanga ngamabomu,” kusho uKaze.

“Ngesizini edlule sidle iNedbank Cup nje, kungenxa yegoli likaDu Preez alishaya ngemizuzu yokugcina sibhekene neSundowns (Mamelodi) kowandulela owamanqamu."

Lo mqeqeshi uthembise ukuthi bazodlala neSiwelele ngomfutho ofanayo noma ongaphezulu kwabawukhombise emdlalweni odlule.

“ISiwelele ibophele abadlali beqophelo ngakho-ke sizoya ngamandla nangomfutho ongaphezulu kwalo ebesiye ngawo e-DRC,” kusho uKaze.

Ngaphambi kokuziqeqesha izolo, iChiefs ikhiphe isitatimende iqinisekisa abadlali abangu-10 abangeke babe yingxenye yoweSiwelele ngenxa yokulimala.

Abadlali abakulolu luhla nguGeorge Matlou, Ethan Chislett, Paseka Mako, Thabiso Monyane, Bontle Molefe, Rushwin Dorthley noGiven Msimango.

Kulaba badlali abalimele, abayisithupha ngabasanda kujoyina iqembu. Nokho iChiefs iphinde yaqinisekisa nezindaba zokululama kwabanye.

Nakuba besabalwa kwabalimele uLebohang Maboe, Etios Ighodaro noNkanyiso Shinga yibona kodwa sekuseMome ukuthi badlale ngokusho kweChiefs.

Bobathathu laba badlali okubalwa kubona noChislett, abakaze babonakale bedlubhe umfaniswano waMakhosi kusukela bewajoyinile njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

IChiefs izobhekana neSiwelele nje, iwini kayiyazi kwiligi kusukela ngo-Agasti. Kulo mdlalo izobhekana nabadlali abasuka kuyona okunguChristian Saile, Tebogo Potsane abahlukane naMakhosi ezinyangeni ezedlule. USamkelo Zwane noHappy Mashiane babolekiswe kuleli qembu eliphekwa nguLehlohonolo Seema.