UMGADLI weKaizer Chiefs, uKhanyisa Mayo, ubhoboke ngephutha lokuqedela ibhola likaPule Mmodi kungafanele elimphendule isitha sabalandeli emasontweni adlule
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UKHANYISA Mayo ongumgadli weKaizer Chiefs uhlose ukusebenzisa iphutha alenze emasontweni adlule ethinta ibhola kungafanele ukubeka leli qembu laseNaturena endaweni eliyifanele ebholeni laseNingizimu Afrika.
UMayo ojoyine iChiefs njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngokubolekiswa yiCR Belouizdad yase-Algeria, usanda kuba sematheni ngokuthinta kungafanele ibhola likaPule Mmodi selibheke enethini. Lokhu kwenze ukuthi liphikwe igoli okulandelwe yintukuthelo esobala kuMmodi. IChiefs igcine idlale ngokulingana ngo 1-1 naMaZulu kulo mdlalo weBetway Premiership. Emuva kwalokho, uMayo uphenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana, abanye abalandeli bemsola ngokuba nomona.
UMmodi noMayo bahlale phambi kwabezindaba ngasekuqaleni kwesonto, bavula izifuba ngokuxolelana kwabo nokuthi yini abahlele ukuyenza ukugwema isimo esifanayo ngokuzayo.
“Iphutha laba kimina ngokunganaki ukuthi ngikuphi nokuthi kufanele noma akufanele yini ngilithinte ibhola,” kusho uMayo esithangamini nabezindaba.
“Ngaxolisa ngaso leso sikhathi kuMmodi kwazise yimina owayesephutheni ngokumonela igoli lakhe. Ngaphandle kukaMmodi, leli phutha laphuca iChiefs amaphuzu amathathu ngakho-ke nginakho ukuyikweleta enhliziyweni yami."
Akazange ayiqede inkulumo yakhe uMayo, kwangenelela uMmodi sakumvikela kwabezindaba.
“Imimoya ihlale iphezulu uma sisenkundleni kodwa lokhu akusho ukuthi sesiyazondana kumbe sesiyalwa. Kuyaziwa ukuthi abagadli baphilela ukuhlohla amagoli, ngakho-ke ngabuye ngaqonda ukuthi lokhu akwenzile bekungeyona inhloso embi.
“Uwumdlali ophambili uMayo futhi usesikhombisile kulesi sikhathi esincane efikile, ngakho-ke ngeke ngimubabele igqubu ngephutha elingenzeka kunoma wubani,” kusho uMmodi.
Bobabili laba badlali bayavumelana ngokuthi iChiefs iyona emqoka ukubedlula bonke abasekhempini yingakho kubalulekile ukuthi babumbane bayisize iqale ukuwina ngeSiwelele emdlalweni wePremiership ozoba namuhla ngo 7.30 ebusuku eFNB Stadium, eNasrec.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla:
Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium, 7.30pm); Stellenbosch FC v Lamontville Golden Arrows (Athlone Stadium, 7.30pm); Kaizer Chiefs v Siwelele FC (FNB Stadium, 7.30pm)