OweLupopo usongela iPirates ngokuyinyomfela e-Orlando

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGU-OSWIN Appollis ongomunye wabadlali be-Orlando Pirates okuthenjelwe kubona ukuba balungise isimo

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), uGuy Bukasa, usenalo itulo lokuqinisekisa ukuthi indlela ye-Orlando Pirates kwiChampions League isifike ekugcineni.

UBukasa ukusho lokhu kulandela ukunenebula kwezakhe iPirates ngo 3-0 kowomlenze wokuqala wemidlalo yokuhlungela ukungena kweyamaqoqo yalo mqhudelwano ngempelasonto edlule, eLubumbashi.

IPirates imelwe wukunqoba ngo 4-0 kwomlenze wesibili ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kwabaningi, iPirates isifike ekugcineni kodwa bakhona nabasathembele kuyona bezeseka ngokuthi ishaywa eLubumbashi nje, ifike khona ingayazi induku emdlalweni ebalelwa kwengu-10 ngokwahlukana kwemiqhudelwano.

UBukasa okhulume nabezindaba ngaphambi kokungena endizeni ebheke eNingizimu Afrika, uthe banohlelo lokunyomfa konke iPirates ezozama ukukwenza ekhaya.

“Badlala kahle impela okuzitolika ngokuthi bazolikhuphula izinga uma sebephambi kwabalandeli babo kodwa lokhu akusho inkinga kithina ngoba sinamagoli amathathu,” kusho uBukasa ethimbeni labezindaba leLupopo.

“Kowomlenze wokuqala, umqeqeshi wePirates (u-Abdeslam Ouaddou) ukhuluma waze wachaza nokuthi sidlani uma silala siphinde sivuke ngani kodwa wahluleka ukusivimba ngesikhathi somdlalo.

“Nakulokhu ngiyazi ukuthi uzofika nezinhlelo eziningi kodwa uma kuphela umdlalo kuzobe kungeyona iPirates edlulela esigabeni samaqoqo ngoba nathi sinezethu izinhlelo."

IPirates isengcupheni yokuphuma ekuseni kulo qhudelwano nje, ngesizini edlule ngaphansi kwesandla sikaJose Riveiro waseSpain, idlale yaze yabhajwa kowandulela owamanqamu lapho iguqiswe khona yiPyramids FC yase-Egypt, okuyiyona futhi egcine ibe ngompetha ngokushaya iMamelodi Sundowns.