UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos nomdlali wasesiwini uSipho Mbule, eMbombela Stadium, eNelspruit
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wasesiwini we-Orlando Pirates othandeka nakubalandeli bamanye amaqembu ebhola laseNingizimu Afrika, uSipho “Master Chef” Mbule, watshelwa emehlweni ukuthi uma eqhubeka nokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla akakhohlwe yiBafana Bafana uma isaqeqeshwa nguHugo Broos.
Cishe bonke abalandela ibhola laseMzansi bayavumelana ngokuthi uMbule unethalente elingajwayelekile kodwa eminyakeni edlule, beligubuzelwe yifu lokuziphathisa okukajosaka.
Lo mdlali okhulunyelwa amagama amaqembu aseke wawadlalela, ufake isandla ngesikhathi iBafana inqoba kwiRwanda emdlalweni ka-Group C weyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo eMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UBroos nguyena otshele abezindaba ngengxoxo yakhe noMbule ngesikhathi embize ekhempini ngaphambi kokubhekana neNigeria neLesotho ezinyangeni ezedlule.
UMbule akamusha kwiBafana kodwa ukulandelwa yimibiko emibi ehlangene nokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla akugcinanga ngokumxoshisa kwiMamelodi Sundowns nakwiSekhukhune United kepha kumsuse nasemehlweni kaBroos.
Kuze kwaba wukusayina kwakhe kwiPirates okuqondane nokulimala kukaThemba “Mshishi” Zwane nokwehlelwa yifomu kukaPatrick “Tito” Maswanganyi okumbuyisele emehlweni alo mqeqeshi waseBelgium.
“UMbule ungomunye wabadlali bokuqala engabaqaphela ngifika eNingizimu Afrika kodwa lokho kwalandelwa wukuthi avukwe yizinto zakhe,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba eMbombela Stadium, eNelspruit.
“Ikhono lakhe asikaze silingabaze, okufakazelwa amagama amaqembu aseke wawadlalela. Kukhona okuyisipesheli ngaye futhi naye uyakwazi lokho.
“Uyibusiyile ifomu esekwiPirates kwaqondana nezinkinga kithina esiswini. Angizange ngimncenge ngesikhathi ebuya. Ngosuku lokuqala ngambuyisela eceleni ngamtshela emehlweni ukuthi ngimnika ithuba lesibili nelokugcina.
“Ngamazisa ukuthi uma ephinda imikhuba yakhe kuyofanele akhohlwe ngeBafana yinqobo uma kuseyimina umqeqeshi.
“Ngicabanga ukuthi sinesivumelwano mina naye kwazise uyazi ukuthi unethuba lokuya kwi-Afcon (Africa Cup of Nations) nakwiNdebe yoMhlaba ezinyangeni ezizayo."
Lo mqeqeshi uveze ukuthi ngemuva komdlalo neRwanda, uphinde wakhuluma naye uMbule wamncoma ngokulisebenzisa kwakhe ithuba amnike lona.