UMDLALI weBafana Bafana okukhulunywe kakhulu ngaye, uTeboho Mokoena, oveze ukuthi abalandeli bebemgxeka ngephutha leSafa
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA bekubhiyozwa kuhlekwa kuvela elomhlathi kubadlali beBafana Bafana ngemuva kokungena kwiNdebe yoMhlaba kodwa ubuso bukaTeboho Mokoena bujike babhalwa usizi ngesikhathi evula isifuba ngokuhlukumezeka akuthole nomndeni wakhe ngenxa yokuthinteka kwegama lakhe ephutheni leSouth African Football Association (Safa) elicishe lashabalalisa amaphupho.
Kuze kube yimanje kusashayisa ngovalo ukucabanga ukuthi kusale kancane ukuthi iBafana iyikhombe indiza ebheke kweyoMhlaba ngenxa yephutha elenzeke ehhovisi leSafa.
Indaba iqale ngoMashi, lapho iBafana idlalise khona uMokoena ibhekene neLesotho kungafanele kwazise ubesethole amakhadi aphuzi amabili. Lokhu bekusho ukuthi kumele ahlale umdlalo ngaphandle.
Ngokusho kukaMokoena, kusukela kuvele lokho akakaze aphinde akuthole ukukhululeka ngenxa yezinhlamba zabalandeli. Kuvele lokhu ngesikhathi ekhuluma emuva kokunqoba kweBafana ngo 3-0 kwiRwanda, ngoLwesibili ebusuku, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Ngesikhathi iFifa isijezisa iSafa ngokuthatha amaphuzu, kube sengathi luqala phansi ungabazane ngamathuba eBafana okuya kwiNdebe yoMhlaba.
NgokukaMokoena, abantu baseMzansi balikhiphela kuyena ulaka lwabo, bemsola ngokuba budedengu ngoba bakholwa wukuthi bekufanele azi ukuthi bekungafanele awudlale oweLesotho.
“Izinyanga eziyisikhombisa ezedlule bezinzima kimina nomndeni wami ngenxa yendaba yekhadi ngoba konke la besihamba khona bebesihlukumeza okuyinto engemnandi,” kusho uMokoena.
“Ngeke ngiqambe amanga, bekunzima ukwamukela ukuthi abantu baseMzansi bakhomba mina ngaleli phutha. Ngijabule ngokuthi iBafana ifikile ezweni lesethembiso kodwa futhi akulona uhlobo lwenjabulo ebengilulindele kumbe engingaluchaza.
“Kusizile ukuzungezwa ngabadlali enginabo eqenjini lesizwe ngezikhathi ezinzima kwazise bangenze ngazibona nginomndeni omkhulu.
“Kukude lapho leli qembu lesizwe eliya khona. Kujabulisile nokubona uThemba (Zwane) engimbona njengomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu cishe kunabo bonke emlandweni kanobhutshuzwayo waseMzansi."
Abebehlasela uMokoena ngamazwi bebekwenza lokhu nje, ikhadi lokuqala walithola ngoNovemba 2023, elesibili waphuma nalo ngoJuni 2024. Lokhu kuzitolika ngokuthi phakathi kwala makhadi kukhona imidlalo yeBafana engu-13 ehlanganisa neye-Africa Cup of Nations (Afcon).