ISharks iphoxe ekhaya igqishe ngamaBhokobhoko

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGU-OX Nche ekumaBhokobhoko nobekhona ngesikhathi iHollywoodbets Sharks ishayelwa ekhaya kowe-United Rugby Championship

Image: /IOL

KUSHIYE imibuzo ukushayelwa ekhaya kweHollywoodbets Sharks ngenxa yenqwaba yamaphutha ekubeni isikimu sayo besigqishe ngabadlali bamaBhokobhoko abebeyingxenye yawo edla isicoco somhlaba eFrance, nyakenye. 

Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, uvumile emuva komdlalo ukuthi kufanele bazinuke amakhwapha kulandela ukushaywelwa ekhaya yi-Ulster yase-Ireland ngo 34-26 emdlalweni we-United Rugby Championship ngoMgqibelo ebusuku, eHollywoodbets Stadium, eThekwini.

Okuphoxe kakhulu ngalo mdlalo wukuthi iSharks ishaywa nje, umdlalo iwuqale ngabadlali bamaBhokobhoko abangu-13, kwathi abanye abane baqala ebhentshini.

“Besilindele okungcono kunalokhu esikubonile. Awukho uphawini wokucasha ngesithupha ngaphandle kokuzinuka amakhwapha, sibuye emdlalweni olandelayo sesingcono,” kusho uPlumtree esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.

USiya Kolisi, Bongi Mbonambi, Ox Nche, Eben Etzebeth, Etahan Hooker, Grant Williams, Vincent Tshituka noMakazole Mapimpi bonke abasemabhukwini amaBhokobhoko, bawuqalile lo mdlalo iSharks eshaywe kuwona ngenxa yamaphutha kuphela.

“Kuyaphoxa ukushaywa ngale ndlela ekubeni siye emdlalweni sinethemba kwazise besazi ukuthi siya ngesikwati esiqinile kwafika kwabheda. Okwamanje akukho esingakwenza ngaphandle kokwamukela ukuthi siziphoxile kanjalo nabalandeli bethu bese sibheka emdlalweni olandelayo,” kusho uPlumtree."

Kweminye imiphumela ethinta amaqembu aseNingizimu Afrika kwi-URC, i-DHL Stormers ishaye iZembre ngo 31-13, iLions yanqoba kwiScarlets ngo 29-18. IVodacom Bulls iwine kunzima ngo 28-27 kwiConnacht.