NGU-GLODY Lilepo okuthiwa udlale elimele koweKaizer Chiefs ne-AS Simba yaseDRC kwiCaf Confederation Cup
Image: INDEPENDENT MEDIA
OMUNYE wabaqeqeshi ababambe isihlalo kwiKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, usola ukudla kwakusihlwa kwangoLwesihlanu, njengembangela yokuthi bacishe bangawudlali umdlalo womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Confederation Cup ne-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
IChiefs idlale ngokulingana ngo 0-0 neSimba ngoMgqibelo ntambama, eStade TP Mazembe, eLubumbashi.
Ngokusho kukaBen Youssef, iChiefs icishe yangawuqala lo mdlalo kulandela ukuvuka ngosuku lomdlalo kunabadlali abahlanu abebejuqwa yizisu, abanye bephalaza.
IChiefs izamile kulo mdlalo obudlalelwa enkundleni enotshani bokuzikhandela, okufakazelwa wukushaya ipali kukaKhanyisa Mayo esiwombeni sokuqala. Nokho unobungozi owomlenze wesibili ozodlalelwa eDobsonville Stadium, eSoweto, NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, kwazise iSimba kumele igweme ukungenelwa yigoli kuphela ukuze izodlulela kweyamaqoqo.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs emuva komdlalo uBen Youssef, utuse abadlali bakhe ngokuqhubeka nokudlala ekubeni isimo besingavumi.
“Kunesikhathi lapho bekubukeka khona sengathi ngeke sikwazi ukudlala ngenxa yesibalo sabadlali abavuke bejuqwa yizisu abanye bephalaza,” kusho uBen Youssef.
“Lolu wuhlobo lwabadlali esiludinga kwiChiefs kwazise baqhubekile nokulwela iqembu yize bengekho esimweni sokudlala. Omunye odlale elimele nguLilepo (Glody) okungenye yezinto engikhombise ukuthi kukhona lapho siya khona.
“Ukugula kwabadlali ekhempini kuqale emuva kwesidlo sakusihlwa sangoLwesihlanu. Ngibashayela ihlombe abadlali ngoba baphumelele ukuvimba izitha zingalishayi igoli.
“Besikuhlele konke kodwa uma ungayijwayele le nkundla kunzima njengoba kwenzekile. Esiwombeni sesibili sifake ijubane, nangempela kwavela amathuba okugqame kuwona elika-Ashley (Du Preez) kodwa waba nebhadi.
“Kowomlenze wesibili, ngibona iChiefs iwuqeda umsebenzi kwazise izobe isisekhaya izungezwe nayiznto ezijwayele."