UBroos ukhalima abalandeli ngokulindela 'umlingo' kwiBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos egqogqoshe kubadlali bakhe bejabulela ukuzifaka kwiNdebe yoMhlaba

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uyaqonda ukuthi ukuzifaka kwaleli qembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba kuzokwenza abantu baseMzansi banyukelwe yizifiso ngokufanele likwenze kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) Afcon eliya kuyona ezinyangeni ezimbili ezizayo eMorocco.

IBafana isonge u-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 iqhwakele okuyitholele indawo kulo mqhudelwano ozokuba seMexico, Canada nase-United States of America (USA).

UBroos owafika kuleli maphakathi no-2021, utshele abezindaba eMbombela Stadium emuva kokunqoba ngo 3-0 kwiRwanda ngoLwesibili ebusuku ukuthi abantu baseMzansi usebazi ukusuka nokuhlala.

Lo mqeqeshi waseBelgium owangena endaweni kaMolefi Ntseki, udume ngokungakufihli okusenhliziyweni yakhe okuyinto emakhela amazinyo abushelelezi kwabanye abalandeli bebhola eMzansi. 

“Ngesikhathi ngifika kwiBafana akekho owayenendaba nayo kwaze kwaba kubukeka sengathi izinto ziyalunga, kwaba yima bebuya abalandeli,” kusho uBroos.

“Kulokho kubuya, kwasheshe kwangicacela ukuthi abantu baseMzansi bawuhlobo olungaliyeki ithuba lokubeka umbono ikakhulukazi kunobhutshuzwayo.

“Ukubuyisa kwethu isithunzi seBafana ngokuyifaka kwiNdebe yoMhlaba nendlela esadlala ngayo kwi-Afcon edlule e-Ivory Coast, kuzokwenza ukuthi abantu baseMzansi balindele ukuthi sibuye nesicoco eMorocco.

“Ngeke kube lula kangako. Ngaphandle kwabo nezimfuno ezingaphezu kwamandla isikhathi esiningi, yona le ndlela esidlala ngayo muva nje izokwenza wonke amazwe azobhekana nathi azibambe ziqine nakakhulu.

“Siyabadinga abalandeli njengoba siya kwi-Afcon kodwa ngendlela ekhuthazayo, hhayi eyokufuna ngo dli imiphumela nokuduba abadlali uma bengenzanga kahle emdlalweni."

UBroos owaveza ukuthi iBafana izoba wumsebenzi wakhe wokugcina kwezokuqeqesha, uphinde wakuqinisekisa lokhu eMbombela Stadium.

“Ngaqeda ngeNdebe yoMhlaba ukudlala ibhola elikhokhelayo, ngakho-ke kunganjani ngenze okufanayo njengomqeqeshi?

“Sengikhulile (73) ngakho-ke emuva kweNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ngizothatha umhlalaphansi okuzonginika ithuba lokuchitha isikhathi nabazukulu kule minyaka ezayo,” kusho uBroos.

Imidlalo yamaqoqo kwi-Afcon iBafana izobhekana kuyona ne-Angola ngoDisemba 22, Egypt (Disemba 26) neZimbabwe (Disemba 29).