UMDLALI weKaizer Chiefs uLebohang Maboe osekulungele ukudlala
Image: BACKPAGEPIX
UKULUNGA kwamaphepha ezinduku ezintsha zeKaizer Chiefs kuqedela abaqeqeshi ababambile amahlathi okucasha njengoba leli qembu liqala isigaba sokugcina semidlalo yokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Confederation Cup.
IChiefs eseDemocratic Republic of Congo (DRC) ihambe nesikimu esiqinile uma usiqhathanisa nalesi edlale ngaso eyesigaba sokuqala lapho inqobe khona sekukhahlelwa amaphenathi kuKabuscorp S.C.P. yase-Angola, umdlalo kade uphele zibambene ngo 1-1 sekuhlangene yomibili (imilenze).
Abadlali ababili obekunombango ngabo neCape Town Spurs o-Asavela Velebayi noLuke Baartman aselungile amaphepha abo okuthi bangaqala owanamuhla ne-AS Simba ngo-3 ntambama, eStade TP Mazembe, eLubumbashi.
Ngaphandle koVelebayi noBaartman, iChiefs ihambe noKhanyisa Mayo ongadlalnga kodlule ngenxa yawo (amaphepha), Mfundo Vilakazi obehambe neqembu laseNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kwengu-20 kwiNdebe yoMhlaba esongwa kusasa eChile.
Omunye umdlali osesikwatini seChiefs esise-DRC, uLebohang Maboe owafika lilikhulu isasasa ngaye kodwa wayelimele.
UMaboe ungomunye wabadlali okubhekwe ukuba babe wusizo kwiChiefs kule sizini kwazise uza nesipiliyoni sokudla inqwaba yezicoco okukhona kuzona nezeligi ngesikhathi esagijima kwiMamelodi Sundowns.
Zonke lezi yizizathu zokuthi bangabi nawo uphawini wokucasha ngesithupha oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef ababanjiswe umsebenzi kusukela iChiefs ihlukanise noNasreddine Nabi oyiwinise iNedbank Cup ngesizini yakhe yokuqala ngoMeyi nonyaka.
Okunye okusobala ngokulunga kwamaphepha nokululama kwalaba badlali wukuthi nenkinga yokugqoza kwamagoli kuMakhosi ingase yehle ngoba iningi labo linomlando wokubhakuzisa inethi kumbe ukwakhela ozakwabo emaqenjini alo adlule.
Omunye wabadlali abafika kwiChiefs kubhekwe lukhulu kubona kodwa ongakafiki kwifomu aziwa ngayo, uThabo Cele, utshele ithimba labezindaba laleli qembu ukuthi akusho lutho ukuthi baqalaphi kodwa kufanele bawine.
“Iqembu elikhulu njengeChiefs akufanele libheke ukuthi lidlalaphi kepha kufanele liyinqobe yonke imidlalo yalo. Siyakwazi esikuzele e-DRC ngakho-ke akukho okunye esizokwenza ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi umphumela uvuna thina,” kusho uCele ejobelela ngokuthi ngisho ngabe iSimba ikuyiphi ifomu kodwa kufanele kugcine bona.